KUBATSHAZWA umuga okuthiwa ugilwe ngowesifazane obevakashele isoka alithole kwiFacebook, wafika wantshontsha usana lwasemzini washaya wachitha nalo, walwenza olwakhe.
UNksz Hlengiwe Happiness Msethwa, kuthiwa ubeqhethile esokeni lakhe elokishini eVelani, eTete ngaseMhlali ngesikhathi eba usana olunonyaka, uMvelo Sibusiso Ngema.
UNksz Msethwa uboshwe wugalagala lomphenyi obatshazwayo okuthiwa kalugayelwa mphako, okuthiwa lumthole eTugela Ferry nalo usana. Umthombo osondelene nodaba uthi umphenyi uguduze phakathi kobusuku esethole umkhondo. Umthombo uthi ummangalelwa ube nethonya elibi eyenga unina wosana.
“Lo sisi uthe kunina wengane akacambalale uzomphathela ingane ngoba ibihlupha ebusuku, cishe akalalanga kahle. Wavuma unina wengane engaxwaye lutho kanti sekuwukuhamba kwengane. Sengathi lo sisi wayethe esokeni ukhulelwe, wahamba ewumuntu oyobeletha njengoba esethatha le ngane,’’ kusho umthombo. Kuthiwa kubonakale esehambile nengane ingasekho, kwacaca ukuthi isikhala kude.
Kuthiwa ngesikhathi eboshwa owesifazane, utholwe engazelele lutho elele nengane nesoka ebelizofunzwa ingane okungeyona eyalo. Kuthiwa amaphoyisa angene kwaba ncane indawo amfasa ngozankosi, ahamba anye nosana. Kuhanjiswe usana ukuba luyohlolwa, kwatholwa ukuthi lusesimweni esihle alunalutho.
Umthombo uthi akakholwanga unina wosana elubona lubuyiselwa kuyena ngoba bekuduma ikhanda ngesikhathi ludukile. Umndeni wosana usale unkemile ngesenzo sesivakashi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonele Nqobile Gwala, uthe kuboshwe owesifazane ngecala lokuthumba emuva kokuthathwa kosana. Uvelile eNkantolo yeMantshi KwaDukuza ngoLwesihlanu, wathweswa icala ngokusemthethweni.