UNGQONGQOSHE weziMali uMnuz Enoch Godongwana, uphumele obala wathi akanaso isiqinisekiso sokuthi ngeke akhonjwe indlela uMengameli Cyril Ramaphosa njengoba kunguMnuz Nelson Mandela kuphela ongaxoshwanga.
UGodongwana obekhuluma nosomabhizinisi ekudleni kwasekuseni izolo eNasrec eGoli njengoba kuqhubeka ingqungquthela ye-ANC, uthe wuMandela kuphela owayengeke aze axoshwe.
“Ngeke ngikwazi ukuqinisekisa ukuthi uRamaphosa ngeke akhonjwe indlela. Imigomo ethinta umnotho akuyona ekamengameli othile kodwa ngeyenhlangano.
“Ngakho noma ngubani angaba ngumengameli ngoba akezi nemigomo yakhe kodwa ngeyenhlangano.”
Ubephawula ngabaholi uDkt Zweli Mkhize noRamaphosa ofuna ihlandla lesibili ekuholeni inhlangano, ababanga esobumengameli.
Uthe usebenze nabo bobabili, akatatazeli kule ngqungquthela ukuthi ngubani ongase athathe izintambo.
“Ngisebenzile noMkhize, uyazazi izinselelo zomnotho. Angithukile ngozothatha izintambo zokuhola inhlangano ngoba ngeke umnotho uwe.”
Uthe unethemba lokuthi inhlangano izowudla umhlanganiso okhethweni lwango-2024.
Ukhale ngokuthi uma ingase ingaphumeleli kuzoba nezinkinga kuhulumeni wokubambisana.
Uveze nokuthi kukhona asebeqale ukubhala umlando we-ANC, ukuthi ngeke ilibone elidlalayo okhethweni olulandelayo.
“Asifuni ukuthi kube nohulumeni wokusebenzisana kuzwelonke. Sibone lukhulu kohulumeni basekhaya. Sifuna ukuwina ukhetho ngo-2024.”
Uthe uma kunohulumeni wokubambisana, kuhlale kuklwejwana nokungasebenzisani kahle phakathi kwamaqembu ezepolitiki.
Uthe ziningi izinselelo ezibhekene nenhlangano kodwa ziyalungiswa.
Ubalule indaba ye-Eskom ukuthi bachithe isikhathi esiningi bezama ukulungisa isimo kule nkampani engaphansi kukahulumeni.
“Kukhona lapho sizigwaze khona ngowethu kwezinye zezinto. Ezinye zazo zithinta eyokulawulwa koMbuso yidlanzana.”
Uthe isigungu esisha esizongena kumele silungise izinto eziningi ezonakele, wathembisa ukuthi inhlangano izobumbana.