OBENGUMENGAMELI waseNingizimu Afrika, uMnuz Jacob Zuma, unxuse amalungu e-ANC ukuthi angakudubi ukuvota ngonyaka ozayo ngoba engathandi abaholi abathile.
Ekhuluma namalungu enhlangano nawomphakathi ehostela eKK eClermont izolo, uZuma uxwayise ngokuthi ukungaphumi kwabantu ukuyovota kulimaza inhlangano.
“Noma ngabe kuthiwa kukhona ubuholi ongabuthandi kodwa phuma uyovota ngoba ukungavoti kwakho kubeka engcupheni ikusasa lenhlangano. Kukhona abantu abathi abazi noma bazovota yini ngonyaka ozayo ngoba kukhona abantu abangabathandi,” kusho uZuma.
Uthe ukhetho lwangonyaka ozayo lubaluleke kakhulu ukwedlula zonke esezike zabakhona.
“Ngo-1994 kwakunesasasa nje ngoba nakhu kwakuphume uTata uMadiba kodwa lolu khetho lwangonyaka ozayo lubaluleke kakhulu ngoba kunomkhankaso onzima wokuzama ukwehlisa ivoti le-ANC ukuze libe ngaphansi kuka-50%. Lokho okuzoholela ekutheni kube nohulumeni wobambiswano.”
Uthe kumele inhlangano izilungiselele njengebutho elisuke liya empini.
“Kunokuthi basehlise sithole ngaphansi kuka-50% kumele sinqobe ngamalengiso ukuze sithathe izinqumo ngendlela esiyithandayo.”
Uthe kubalulekile ukuphumelela kwe-ANC okhethweni lwangonyaka ozayo ukuze kuvikelwe inkululeko eyatholakala kanzima.
Ukubaluleka kokhetho lwangonyaka ozayo yikona okwenze ukuthi isigungu esiphezulu se-ANC sithathe isinqumo sokuletha umgubho wakuzalwa kwenhlangano eMoses Mabhida ngoJanuwari 12 ngonyaka ozayo.
“Isifundazwe iKwaZulu-Natal yisona esinabantu abaningi abavotayo, yingakho umgubho uza lapha kwelikaMthaniya ngoba kulungiselelwa ukhetho olungawafa wafa.”
Uxwayise amalungu enhlangano ukuthi ayeke ukuklwebhana njengamakati ngoba abavoti balahlekelwa yithemba.
“Ukuhlukana kwemibono kuhlale kuyinto ekhona kodwa akusho ukuthi kumele uma singaboni ngaso linye bese siba yizitha.”
UZuma usuke eClermont waya eMgungundlovu lapho efike wakhuluma namalungu enhlangano. Ngaphambi kokuthi afike eClermont ubeqale eMlaza waphinde wahlangana nabantu asebekhululile edolobheni eThekwini.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe inhlangano isemkhankasweni wokulungiselela ukhetho nomgubho wangonyaka ozayo.“Siyajabula ukuthi umkhankaso siwuqhuba nobengumengameli wezwe, umuntu ongadingi kwethulwa kubantu,” kusho uNtuli.