UMMELI womsolwa wesihlanu ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, u-Advocate Zandile Mshololo, unekele inkantolo ukuthi ubufakazi bolibofuzo obenziwe ngesigqoko okuthiwa ngesomsolwa owangena endlini ephethe isibhamu ngesikhathi kubulawa uSenzo Meyiwa, ngesomuntu wesifazane.
UMshololo uveze lokhu ngesikhathi epheka ngemibuzo uTumelo Madlala ngabasolwa abangena endlini. UMadlala uchaze umsolwa wokuqala okunguyena owayegqoke lesi sigqoko esivezwe enkantolo kuthiwa nguyena owayephethe isibhamu. Uthi akambonanga kahle umsolwa ngoba wenze ama-dreadlocks alengela eceleni ebusweni, efake isigqoko.
Okudide uMshololo wukuthi akabubonanga ubuso bukamsolwa kodwa wakwazi ukubona kahle uhlobo lwesibhamu olwaluphethwe wumsolwa nokuthi sasine-rust, konke lokhu kuqukethwe yisitatimende esabhalwa wuMadlala.
UMadlala uthi umsolwa owayegqoke isigqoko wayemfishane enamehlo amakhulu
Ngale kodaba lwesigqoko, uMadlala utshele inkantolo ukuthi umsolwa wesihlanu akazange ambone endaweni yesigameko, akanalo ulwazi lokuthi uboshelweni kuleli cala, ubuye waqinisekisa kuMshololo ukuthi ammele akayena owayephethe isibhamu ngosuku lwesigameko.