USHAYA phansi ngonyawo loyo owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, uthi ngeke awahoxise amasamanisi abizela enkantolo uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.
UZuma ubekade enikezwe umnqamulajuqu wayizolo ukuba ahoxise amasamanisi abizela enkantolo uRamaphosa noma abhekane nezinyathelo zomthetho okubalwa kuzo ukuba akhokhele izindleko zenkantolo.
Emva kwezingxoxo zabameli, uZuma weluleliwe isikhathi sokuba ahoxise amasamanisi. Izolo, uZuma uthe angeke awahoxise amasamanisi.
UZuma usanda kuthumela uRamaphosa amasamanisi ambizela eNkantolo eNkulu ePitoli ngoJanuwari 19.
Okhulumela inhlangano kaZuma engenzi nzuzo, iJG Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe balindele ukuthi uRamaphosa avele enkantolo ngosuku olubekiwe.
“Ubani onqunyelwe umnqamulajuqu? UZuma angeke alihoxise icala alivulele uRamaphosa.”
UManyi uthe bakholelwa ekutheni uRamaphosa unecala okufanele aliphendule enkantolo. Uthe angeke belokhu bechaza kakhulu ngalo kwabezindaba.
Icala elivulelwe uRamaphosa lihlobene necala lapho uZuma ezishushisela mathupha umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo nokukhwabanisa, u-Advocate Billy Downer, kanye nentatheli yeziko lezindaba.
UZuma usola uDowner ngokuputshuzela intatheli ulwazi oluyimfihlo olumayelana nempilo yakhe.
Uphinde asole uRamaphosa ngokuba yingxenye yokuphulwa komthetho kuleli cala njengoba ethi akazange athathe zinyathelo ngesikhathi embikela ngalolu daba.
Okhulumela uRamaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, uthe banethemba lokuthi uZuma uzogcina elihoxisile leli cala.
UMagwenya uthe basamile ekutheni akukho cala okufanele uRamaphosa aliphendule.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ebiseGoli.
“Lapha uZuma uzilwela impi yezepolitiki. Sinethemba lokuthi uzolibona iphutha lakhe, bese ehoxisa icala. Iqiniso ukuthi kuzogcina kusetshenziswa imali yomphakathi ekubeni kungekho cala.”
Amasamanisi abizela uRamaphosa enkantolo akhishwe ngaphambi kokuqala kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC.
Ngaleso sikhathi umbango wokuhola i-ANC ubushisa phansi njengoba uRamaphosa ebephonselwa inselelo uDkt Zweli Mkhize.
Umjaho wokuhola i-ANC ugcine unqotshwa nguRamaphosa.