UKUJIYA kwemikhankaso yezikhundla ngaphakathi kwi-ANC, kuqubula imibuzo ngabaholi ababili asebezinkunzi eziluvava, kwezepolitiki.
Imibuzo ibhekene nePhini likaMengameli we-ANC, uMnuz David Mabuza, noNobhala-Jikelele wayo uMnuz Ace Magashule, osamiswe emsebenzini.
Kumanje i-ANC imatasa ilungiselela ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha ezoba ngoDisemba 16 kuya ku-20, eNasrec, eGauteng. Kulindeleke ukuthi zidlane imilala kubangwa izikhundla.Amehlo azobe ethe njo, embuthanweni kaKhongolose ngoba uyinhlangano ephethe uhulumeni. Ingqungquthela yanonyaka kuzobe kungeyehlandla lika-55 selokhu kwasungulwa uKhongolose ngo-1912 eBloemfontein, kanti nonyaka iqeda iminyaka engu-105. I-ANC isike yavakashela endaweni okuhlelelwa ukuba kungene ingqungquthela eNasrec, yamemezela ukuthi konke kumi ngomumo maqondana namalungiselelo.
Umbango wesikhundla sikamengameli ushisa phansi, kubalwa uMnuz Cyril Ramaphosa ofuna ihlandla lesibili. Kuphakanyiswe igama likaDkt Zweli Mkhize, kuvela nelikaDkt Nkosazana Dlamini Zuma kanti liyaphathwa nelikaNksz Lindiwe Sisulu, okuthiwa ufuna ukuba ngumengameli.
UMabuza odabuka eMpumalanga, wakhethelwa kwesephini likamengameli ngo-2017 eNasrec, kanti noMagashule wakhethelwa kwesikanobhala-jikelele ngaleso sikhathi.
Phakathi kwamagama andiza emoyeni kumanje awabo awabalwa. UMagashule odabuka eFree State, uhamba amacala enkohlakalo mayelana nethenda yetsheboya ngesikhathi esengundunankulu esifundazweni sakhe. Kukhona nemibiko ethi angase aqondiswe ubugwegwe ngaphakathi kuKhongolose.Kuvela nokuthi uMagashule usethunyelelwe uhlu lwamacala, wacelwa ukuba avele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe.
Bobabili uMabuza noMagashule bagqama kakhulu ngokweseka owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, babaziwa ngePremier Leauge ngoba babengondunankulu. UMabuza uyaziwa ngokusebenza ngomshoshaphansi ngoba wamangaza abaningi ngo2017. UMagashule uma ekhuluma nabezindaba ulibeka ngembaba elokuthi uma ephakanyiswa, uzowungenela umbango noma esahamba amacala.Izikhundla zabo kubukeka sengathi zibangwa abanye ngoba kuvela igama likaMnuz Paul Mashatile, kwesephini likamengameli, likaMnuz Ronald, Nkk Phumzile Mlambo-Ngcuka, Nkk Thandi Modise. Kwesikanobhala kugqama uMnuz Mdumiseni Ntuli, Mnuz Phumullo Masualle, Mnuz Fikile Mbalula, noMnuz Malusi Gigaba.Ihhovisi likanobhala jikelele libe nenselelo ngokumiswa kukaMagashule, kwashona nephini lakhe uNksz Jesse Duarte, kwaphoqeleka ukuthi kubambe uMnuz Mashatile, ongumgcinimafa. Ihhovisi lithathwa njengelibalulekile enhlanganweni futhi ojutshwe kulona usebenza ngokuphelele, akayi kuhulumeni.
Abahlaziyi bezepolitiki bathi kunzima ukuqagela ikusasa labo bobabili ngoba ipolitiki ihlala iza nezinto ezikushiya ukhexile. Umhlaziyi wezepolitiki eNyuvesi iWestern Cape, uSolwazi Bheki Mngomezulu uthe kusengenzeka noma yini.“Ngeke salibeka ngembaba elokuthi sekuphelile ngabo ingakahlali ingqungquthela ngoba kusengenzeka noma yini. UMagashule njengoba eshenxile esikhundleni, kungenzeka umthetho wokushenxa kuxoxwe ngawo engqungqutheleni kube noshintsho bese bemphakamisa khona lapho,’’ kuchaza uMngomezulu.
Uqhube wathi kungaba yingozi ukucabanga ukuthi kuphelile ngoMabuza ngoba uyaziwa ukuthi izinto zakhe uzenza ngomshoshaphansi avuke amangaze abantu.
“Cha, uMabuza okwamanje useyingozi njengoba ethule kepha akathule ngoba kungenzeka kukhona akuhlelayo. Ubomnaka uma kukhona into enomsindo akathi vu, uyazithulela nje. Ipolitiki yakhe eyokuthi izinto uzenza esithe,’’ kusho uMngomezulu.
Uthe kwipolitiki uma kuzokhethwa kuxoxiswana kuze kufike usuku lwengqungquthela lapho kwenziwa izivumelwano ngomzuzu wokugcina. Uyishayele ihlombe i-ANC ngokuhlela ngempumelelo ingqungquthela futhi ubona izoba yimpumelelo.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Thabani Khumalo, uthe kusesekuseni kakhulu ukuqagela ikusasa labo ngoba yipolitiki le. Uthe okwamanje ngeke kuphikwe ukuthi izimo azibavuni abaholi.
“Okwamanje isimo siyababhedela, uMabuza bekufanele azame ukugcina isikhundla sakhe sephini likamengameli. Umkhankaso wakhe wokuba wumengameli ubonakala ufadabala, uthathe ngamawala. UMagashule usenkingeni ngoba kuthiwa uzobhekana nokuqondiswa ubugwegwe noma ngabe icala liyahoxa manje kodwa ngaphakathi enhlanganweni uzobe eshushiswa,’’ kusho uKhumalo.
Izifundazwe ezehlukene zivele seziwagagulile amagama abaholi ezifisa bangene ezikhundleni kodwa awaveli amagama oMagashule noMabuza. Uphiko lwesikhashana lwe-ANC Youth League, lusanda kumemezela amagama kepha awabo awavelanga. Uphiko lwe-ANC Women’s Leaugue lwenze okufanayo lwamemezela amagama, lutho awabo. Ngaphandle kombango wezikhundla zobuholi eziyisithupha kuzobuye kubangwe ukungena esigungwini esiphezulu senhlangano. Nakhona akulula ukungena ngoba kusuke kuvotelwa labo abazongena kusona. Bangu-80 abantu abakhethelwa esigungwini esiphezulu futhi sinamandla okuthatha izinqumo enhlanganweni. Abasesigungwini basuke besemathubeni amahle okungena ezikhundleni zikahulumeni uma kwenzeka inhlangano inqoba ukhetho.
Ngaphandle kokukhetha ubuholi, i-ANC izothola ithuba lokubheka kabanzi imigomo yayo, iyibuyekeze futhi ichibiyele lapho okufanele khona. Izodingida ngezindaba zokuphathwa kwezwe namalungiselelo okhetho lukazwelonke olubhekwe ngabomvu ngo-2024.