KUHLALE kuthiwa omama yibona abazifelayo ngetiye kuze kuthiwe uma bengalitholanga bakhala ngekhanda. Ucwaningo lwakamuva olwenziwe ngabakwaRooibos luveza ukuthi empeleni amadoda ayazifela ngetiye.
Njengoba siphila esikhathini esimatasatasa kuthiwa kunamadoda aqala usuku lwawo ngetiye ukuze ehlise ukhwantalala.
UDkt Gerald Maarman, ongusosayensi obehola ucwaningo olwaziwa ngeMen’s Drinking Habits Survey, uthe lolu cwaningo luveza ukuthi u-69% wamadoda uphuza amanzi uma nokhwantalala, u-16% uphuza ikhofi kanti u-11% uphuza itiye iRooibos. Luqhuba luthi uma eseqede ukusebenza u-32% wawo uphuza iRooibos, u-19% ubhiya, u-12% ikhofi, u-11% uphuza ugologo kanti u-10% uphuza iwayini.
Amadoda kulolu cwaningo abike ukuthi iRooibos awayiphuzeli ubumnandi kodwa asuke enzela ukuthi imizimba yawo ikwazi ukubhekana nemisebenzi eyenzayo ngosuku olulandelayo ngoba inezithako ezilwa nezifo egazini.
UDkt Maarman uthe yize amadoda amaningi ethi aphuza iRooibos, u-67% walawo azivocavocayo aphuza amanzi ukuze umzimba wawo ube namanzi enele, iRooibos iyisiphuzo sesibili asikhethayo.
Ezindaweni zomphakathi, uthe iRooibos nobhiya yizona ziphuzo ezihamba phambili njengoba u-47% wadoda uphuza zona, zilandelwe yitiye elimnyama, ama-cooler namacider.
"I-Rooibos ihamba phambili esigabeni seziphuzo ezishisayo. Abesilisa abangaphezu kuka-42% baphuza okungenani inkomishi eyodwa ye-Rooibos nsuku zonke, u-22% wawo uyiphuza kabili noma kathathu ngesonto bese kuthi u-17% uyiphuze njalo ngemva kwesonto,"
UMaarman uthe lolu cwaningo lugunyazwe yiSouth African Rooibos Council (SARC) ukuze ibone ukuthi ngabe izinkolelo zabantu ngokuphuzwa kwetiye ziyizo yini.