ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini siqinisekise ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uzohambela umcimbi wokuvulwa komfuziselo weSilo uShaka kaSenzangakhona.
Imbube ithe uRamaphosa uzokube ekhona uma sekuvulwa umfuziselo weLembe osesikhumulweni sezindiza, i-King Shaka International Airport.
Lokhu ikusho ngesikhathi ikhuluma eMkhosini weLembe, obungoLwesibili, KwaDukuza.
Indlulamithi yamakhosi ithe umfuziselo uzovulwa ngokusemthethweni maduze kodwa yangalusho usuku.
“Ngiyafisa ukuthi Zulu niphume ngothi lwenu njengoba lo mcimbi uzokube ubukwa umhlaba wonke njengoba nazi nje ukuthi kuthiwa i-King Shaka International, ingesinye sezikhumulo sezindiza ezibalulekile.”
Ngeledlule Isolezwe libike ukuthi sekulindwe iSilo ukuba simemezele usuku lokuvulwa komfuziselo.
Bekunethemba lokuthi umfuziselo weLembe uzovulwa ngaphambi komkhosi wayizolo, kodwa kwagcina kungenzekanga.
Sekuphele isikhathi eside kulindwe ukuthi kuvulwe umfuziselo weLembe owakhiwa kabusha.
Kuzovulwa lo mfuziselo owakhiwe kabusha nje, owokuqala wakhishwa emva kokuba iSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, sikhonondile.
UMdlokombane wakhala ngokuthi umfuziselo wezigidi zamaRandi uveza Ilembe njengomfana wezinkomo njengoba livela limi eduze kwezinkomo, wakhala nangokuthi umkhonto owawusezinyaweni zeLembe wawukhombisa ukuphosa ithawula.
Kubikwa ukuthi umfuziselo omusha ungu-12m ubude.
Umfuziselo wokuqala wabiza u-R3, 2 million, akukaziwa ukuthi ukwakhiwa komusha kubize malini.
Ngonyaka owedlule, kwaba nemizamo yokuvula umfuziselo ngosuku olwandulela uMkhosi weLembe wangonyaka owedlule, kepha umcimbi wabuye wabhuntsha ngemizuzu yokugcina.
Ngesikhathi kubhuntsha umcimbi, indlunkulu yakhala ngokuminyana kwemicimbi eyayenzeka ngoSepthemba, njengoba iminingi imikhosi yasendlunkulu eyenzeka ngenyanga yamagugu.