ININGIZIMU Afrika neMozambique, amazwe angomakhelwane ayahwebelana futhi aseqoqweni elilodwa lamazwe angu-16, iSouthern African Development Community (SADC). Leli qoqo lamazwe lisungulwe ngo-1992 ngenhloso yokubambisana, ukuhwebelana nokuzwana kwamazwe angandawonye.
Buhle ubudlelwano bamazwe womabili futhi nomengameli bakhona bayahambelana baxoxe ngokuhwebelana. Inkinga yobugebengu obusemngceleni ophakathi kweMozambique nelakuleli ingase idunge ubudlelwano uma inganakiwe.
Isidingidwe kakhulu inkinga yobugebengu bokwebiwa kwezimoto kuleli zeqiswe umngcele ziyiswe eMozambique, ngasohlangothini lwakoManguzi nakoMhlabuyalingana, esifundeni uMkhanyakude.
Sekuyaziwa ukuthi kunemigulukudu ecanasayo ephuca abantu izimoto zabo ezingamaveni aphakeme nezinye kuthiwa ziyadingeka kakhulu eMozambique. Kuthiwa kunemakethe evuthayo eMozambique, lapho okufike kudayiswe khona lezi zimoto. Kubikwa ukuthi uma imoto ike yawela umngcelewezwe yangena kwelinye kuba nzima ukuyithola ngoba kuyaphazamiseka ukusebenza kobuchwepheshe bokulandela imoto. Okunye wukuthi izimoto azithathwa nje ezindaweni ezisondelene nomngcele kuphela kodwa nakwezinye izindawo seziyathathwa okusho ukuthi iyadlondlobala inkinga.
Kufanele ngabe sezikhonaizinyathelo ezibonakalayo zokubhekana nenkinga esixake izwe isikhathi eside. Kade kwaqala ukuvela ukuthi kukhona inkinga futhi yenzaabantu bahlale lubhojozi.
Kuthiwa izigelekeqe zihloma ngezibhamu ezinzima okwenza kube lukhuni ukubhekana nazo.
Imibiko ithi lezi zigebenguazinqeni ukuthumba umuntu uma zimphuca imoto zihambe naye ziyomshiya emahlathini esephucwe konke anakho. Kuthiwa abantu zibangenela ngisho emizini yabo uma seziyifuna imoto ziyithathe ngodli, kungabi ndaba zalutho. Muva nje kuqale okunye njengoba sekuqothwa amalungu omphakathi azama ukulwa nalolu hlobo lobugebengu.
UMnuz Sipho Judah Mthethwa, obenguSihlalo wenhhlangano uMhlabuyalingana Society Againts Crime (USAC), uthelwe othulini ngenhlamvu ngenyanga edlule. UMthethwa uhlaselwe ngamadoda angaziwa efika kwakhe ephuma komunye umhlangano eThekwini. Kunenkolelo yokuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nokuthi uyisishoshovu esilwa nobugebengu endaweni.
Kuthe kusabatshazwa indaba kaMthethwa, ngasekuqaleni kwale nyanga kwabulawa uMnuz Sandile Tembe, wasebukhosini bakwaTembe, okuthiwa ubeyilungu eliqavile leManguzi Policing Forum, elwa nokuthathwa kwezimoto. UTembe udutshulwe esesitolo sendawo ngabalisa abangaziwa kanti kusolwa ukuthi ukufa kwakhe kuhlobhene nalolu daba.
Ngaphandle kokubulawa kwezishoshovu ezilwa nobugebengu kodwa kunezigameko zokushiswa kwezimoto ezisuka eMozambique, zize kuleli ngenxa yokudinwa kwabantu bakuleli. Ukushiswa kwezimoto namabhasi ezivakashi kukhomba ukuthi inkulu inkinga. Lesi simo sesingase sidale isimo esimuncu phakathi kwamazwe angomakhelwane. Ukushiswa kwezimoto zabasuke bevakashile kuzolimaza umkhakha wezokuvakasha oyingxenye yomnotho ngoba kusho ukuthi izivakashi zaseMozambique, zizoyeka ukuza kuleli.
Uhulumeni uhlalaenxusa umphakathi kufanele ubambisane namaphoyisa ukulwa nobugebengu kodwa uma sekubulawa abazama ukulekelela abomthetho, lokhu kuzofaka itwetwe emphakathini. UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube, ngesikhathi ehambele inkonzo yomngcwabo kaMthethwa, ukhulume kabanzi ngenkinga yobugebengu emngceleni.
“Siyazi ababulali bebeqonde ukusabisa nokuthumela umyalezo wokuthi yibona abakhonyayo. Ngifisa ukusho ukuthi izolo besithula inkulumo yesifundazwe.
“Sikubeke kwacaca ukuthi ubugebengu sizobhekana nabomahlanze, kufanele kucace ukuthi yithi esiphumelelayo noma yizigebengu,’’ kusho uNkk Dube-Ncube.
UNkk Dube-Ncube uthe inkinga isetshenzwa nasesigabeni sikazwelonke.
“Sibonile omonganeli befika lapha ukuzokwethula amasu okulwa nobugebengu basemingceleni yamazwe angomakhelwane. Namuhla kunohlelo lwezithiyo zokuvimba izimoto zingezi emngceleni,’’ kusho uNkk Dube-Ncube.
Uma elakuleli lingomakhelwane futhi linobudlelwano neMozambique, yini evimbile ukuthi amazwe ahlangane abambisane aqede ubugebengu bokweqiswa kwezimoto emngceleni?
Uma omengameli bamazwe nezikhulu zohulumeni bawo bekwazi ukuhlangana babonisane, kungani kunzima ukuxoxa lolu daba ukuzelulungiswe. Izikhulu zikahulumeni zike zavakasha kule ndawo ziyohlola isimo bese zizama ukuqhamuka namaqhinga kodwa inkinga isaqhubeka.
Owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma, ngesikhathi esaphethe izintambo zombuso uke wayihambela le ndawo eyozwa ngenkinga yobugebengu. UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, uke waya kule ndawo wafika wenza izethembiso. UCele wamemezela ukuthi kuningi okwenziwayo futhi wabika nokuthi abasolwa abangu-300 baboshwa maqondana nalobu bugebengu.
Okunye okufike kudumaze wukuvela kwemibiko ethi ithenda yokwakha udonga lokuvimba emngceleni yaba nezinkinga kwaze kwaphoqa ukuthi kume ukusebenza. Konke lokhu kudala ukukhathazeka ngoba isimo sasemngceleni siyaphuthuma. Ngeke kufihlwe ukuthi zikhona izimoto ezibanjwayo zingakeqi imingcele zibuyiselwe kubanikazi bazo. Ngeke kufihlwe ukuthi abombutho wezokuvikela sebenze okuningi ukuzama ukungenelela kodwa kuyacaca akwenele. Kwanele ukukhuluma sekufanele kube khona izinyathelo ezinqala ezithathwayo ezibonakalayo ukuze kuvinjwe ubugebengu osebuthatha nempilo yabantu.