LUYINZUKAZIKEYI udaba lwesikole saseMgungundlovu osekuqale isonto lesithathu abafundi bengafundi.
Abafundi besikole iMlungisi Secondary, KwaDindi ngaseTaylors Halt, izolo baqale isonto lesithathu bengafundi.
Inkinga yokuthi kungafundwa kulesi sikole, iqale ngemuva kokuthi umnyango ulethe iphini likathishanhloko eliphuma kwesinye isikole, elizobamba esikhundleni sikathishanhloko osekuphele iminyaka emibili engekho.
Isigungu sabazali sokulawulwa kwesikole, iSchool Governing Body (SGB) samchitha. Ngemuva kwalokho kwaba ngothisha abangezi esikoleni bethi bayesatshiswa.
Ikhansela lakule ndawo uMnuz Kwazi Madondo, lithe lingenelele kulolu daba ngoba libona kuphela izinsuku kungafundwa
"Ngosuku okwakumele iphini likathishanhloko lamukelwe ngalo, isigungu sabazali sokulawulwa kwesikole, sathi asimfuni. Sabiza umhlangano singabaholi bendawo ngoba sibona ukuthi akukho okubambekayo i-SGB ekushoyo okuyisizathu ngaphandle kokuthi ayimfuni.
“Abazali baphikisana nalokho obekushiwo i-SGB kwathiwa uthishomkhulu obambile akeze esikoleni ukuze kuqale ukufunda. Ngakusasa uthishomkhulu ozobamba wafika othisha bengekho esikoleni," kusho uMadondo.
Uthe othisha bathi kubona kukhona abathole umyalezo kumaselula othi othisha okungebona bendawo mababuyele ezindaweni zangakubo.
“Umbuzo ngowokuthi abangayitholanga leyo miyalezo bona yini bengezanga esikoleni nokuthi lowo myalezo wawuphuma kubani. Azikho izimpendulo zalokho. Sithe sibheke lokho nabo abafundi bamasha bethi abamfuni uthishomkhulu ozobamba.
"Kuningi okudidayo ngale nto. Mina ngazi ukuthi umzali ukhathazeka uma engekho uthisha esikoleni, hhayi ukuthi umnyango uqashe muphi uthisha, umfundi kumele akhathazwe wukuthi ufika esikoleni engekho uthisha hhayi indaba zokuqashwa kukathishanhloko.
“Asazi ukuthi inkinga ikuphi ngoba uthisha obebambile la ekuqaleni uye esikoleni eMzamweni High lapho kade kubambe khona lo oselethwe la. Yena wamukelwe kahle khona kepha lo olethwe lapha uyachithwa ," kusho yena.
Uthe lesi sikole sekuphele cishe iminyaka emibili sinezinkinga kuzo okukhona nayo eyokuthi akekho uthishanhloko.
“Kuyasikhathaza thina njengabaholi nabazali bezingane ukuthi njengoba sekubhekwe ekubhalweni kwezivivinyo ezaziwa ngama-trials ka-matric, abafundi bakulesi sikole kabafundi,” kukhalaza uMadonda.
Uqhube wathi umhloli uyazama ukululungisa udaba kodwa babone kuhamba isikhathi kuqhubeka kungafundwa waze wathinta ungqongqoshe emcela ukuthi angenele,” kusho uMadondo.
Imizamo yokuthola i-SGB yehlulekile.
UMnuz Muzi Mahlambi okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe bayalwazi udaba lwakulesi sikole. Ihhovisi lezemfundo lesifunda liyalulungisa.