LUFAKWE enkantolo olwekhansela lakuMasipala wesiFunda iZululand elisolwa ngokuba yisipoki, nelasindisa iMeya ye-IFP, uMnuz Thulasizwe Buthelezi, ngesikhathi kunesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.
Amakhansela e-ANC, aweNFP nawe-EFF afuna iNkantolo eNkulu eMgungundlovu ichithe ikhansela leNFP, uMnuz Bethwel Nxumalo.
UNxumalo wamangaza abaningi ngesikhathi kunesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaButhelezi, waphikisana namakhansela eqembu lakhe.
Ivoti lakhe yilona elasindisa uButhelezi njengoba umbimbi lwe-ANC, NFP ne-EFF lwahlulwa ngevoti elilodwa emizameni yalo yokuchitha uButhelezi.
Manje lolu mbimbi lufuna ukuthi uNxumalo axoshwe njengoba lukhala ngokuthi akagazethiwe yinhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC).
UNxumalo uyaqhubeka nokuhlala imihlangano yomkhandlu yize noma ukuba ikhansela kwakhe kwachithwa yinkantolo ngonyaka owedlule.
UNxumalo wayekade engene kulesi sikhundla nelinye ikhansela leNFP, uNksz Senzeni Zulu, ngesikhathi kuxoshwa amakhansela amabili eNFP, oMnuz Jeremiah Mavundla noSibusiso Nkosi.
UMavundla noNkosi bakuphonsela inselelo ukumiswa kwabo, kwathi ngoMashi wangonyaka owedlule inkantolo yanquma ukuthi kufanele babuyiselwe ezikhundleni.
Yize uMavundla abuyiselwa esikhundleni, uNkosi yena akakaze abuyiselwe, isikhala sakhe sisaqhoqhobelwe nguNxumalo.
Ikhansela le-ANC, uMnuz Khaya Khumalo, okunguye ofake amaphepha asenkantolo, uthe bafuna ukwazi ukuthi kungani uNxumalo evunyelwa ukuthi ahlale imihlangano yomkhandlu yize engaveli kwi-IEC.
“Sifuna ukwazi ukuthi kungani namanje esaqhubeka nokuholelwa imali yomkhandlu yize engaveli kwi-IEC.”
UKhumalo uthe bafuna ukuthi udaba lwabo lulalelwe namhlanje njengoba ethe luyaphuthuma.
UKhumalo wesekwa amakhansela eNFP nele-EFF, uMnuz Thulani Ndlovu, obekade eyiphini lemeya kulo mkhandlu.
Ukuxoshwa kukaNxumalo kungabeka engcupheni ubuholi be-IFP, engazange ithole izihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela.
UNxumalo usole izingxabano zangaphakathi kwiNFP, wathi yizona ezenze ukuthi kugcine kuchatheka uhlu lwamagama amakhansela eqembu olwahanjiswa kwi-IEC.
Uthe ohlwini olwalukade lwenziwe nguyena njengosihlalo weNFP kwisiFunda iZululand, igama lakhe lalingelokuqala kepha lagcina lishovelwe ezansi.
UNxumalo uthe uzoqhubeka nokuba yikhansela kuze kube wukhetho lohulumeni basekhaya olulandelayo.
“Laba abafaka icala badlala ngesikhathi, banemali eningi. Mina ngizokuba ikhansela kuze kube u-2026. Emva kwalokho ngizobe sengithatha umhlalaphansi ngoba sengimdala.”
UNxumalo ubuze ukuthi i-ANC ne-EFF bangena ngaphi ezindabeni zeNFP.
Uthe ufuna ukuthi athathelwe izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe amakhansela eNFP aseka icala elifakwe nguKhumalo.
USomlomo womkhandlu, uNkk Daphney Memela, uyalelwe ukuba yonke imibuzo ibhekiswe kuButhelezi, ongazange atholakale njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.