LIZOLALELWA ngoLwesibili oluzayo icala elifakwe ngabadayisi botshwala abafuna uhulumeni waseLimpopo amise umthetho obavimba ukudayisa utshwala ngale kuka-12 phakathi nobusuku.
Lo mthetho uyaqhubeka nokusebenza yize abadayisi botshwala benganeme ngawo njengoba bethi uzobaphuca iqatha emlonyeni.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezeMvelo nokuVakasha eLimpopo, uMnuz Rodgers Monama, uthe bayakuvala ukudayiswa kotshwala emuva kuka-12 ebusuku ngoba bafuna ukulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kanjalo nobugebengu obenziwa abaphuza utshwala.
“Kufanele sibe neqhaza elibonakayo ekulweni nenkinga yophuzo oludakayo. Sifuna abantu baphuze ngendlela ehlelekile ukuze bangenzi izinto eziphambene nomthetho.
“Siyakugqugquzela ukuthi baphuzele emakhaya kunokuthi bayophuza ezindaweni zokuzijuxuza. Yingakho singasafuni ukuthi amathaveni, amashibi, izindawo zokudlela nezomjuxuzo zidayise utshwala emuva kuka-12 ebusuku,” kusho uMonama.
UMnuz Lucky Ntimane we-National Liqour Traders (NLT), uthe baluhambise enkantolo lolu daba ngoba luzolambisa abantu abaningi.
Ubalule ukuthi kuzolamba abadayisa utshwala, oweta, abashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngamabanga eziwahambile nabaculi abasuke benandisa ezindaweni ezidayisa utshwala.
I-NLT akuyona yodwa eye enkantolo kodwa neSekhukhune Liqour Traders Association isiluhambise enkantolo.
Lezi zinhlangano zithe icala lizolalelwa eNkantolo eNkulu eLimpopo ngo-Agasti 8.
UNgqongqoshe wezeMpilo eLimpopo, uDkt Phophi Ramathuba, uthe uyakweseka ukuvalwa kokudayiswa kotshwala emuva kuka-12 ebusuku ngoba abantu abaningi abangeniswa ezibhedlela ebusuku ukulimala kwabo kusuke kuhlobene notshwala.
Uveze ukuthi kwabonakala ngesikhathi seCovid-19 ukuthi ukuvalwa kotshwala kuyayilonda impilo yabantu.
Ekhuluma kwiNewzroom Afrika, uthe akushiwo ukuthi abantu ngeke besadayisa utshwala kodwa kuncishiswa amahora okuhweba ebusuku ukuze kusindiswe impilo yabantu.