OBEYIMEYA yoMkhandlu waseGoli, uDkt Mpho Phalatse, uwafake izolo, eNkantolo eNkulu yaseGoli, amaphepha ahlose ngawo ukuthi umhlangano omgudluze esikhundleni ngeledlule, uthathwe njengowawungekho emthethweni.
UDkt Phalatse uveze lokhu ngesitatimende asikhiphe izolo, lapho ethe khona angeke bathule basonge izandla ngesikhathi i-ANC nabangani bayo besebenzisa inkohlakalo ukuzuza ukuba semandleni.
“Abantu baseGoli bayikhipha ngevoti i-ANC, bakhetha ubuholi obungcono, okuwubuholi be-DA ngakho ke i-DA izolwa kuze kube sekugcineni ukuqinisekisa ukuthi izifiso zabantu ziyagcineka,” kusho uDkt Phalatse.
Uthe bayakuqonda ngokuphelele ukuthi amalungu omphakathi waseGoli, adiniwe kangakanani futhi akhungatheke kangakanani ikakhulukazi uma lowo nalowo ezizwa enomuzwa wokuthi ivoti lakhe lidayiswe ngabathile ukubuyisela i-ANC emandleni.
“Siyakuqinisekisa ukuthi i-DA ngeke ihlehle noma inikezele,” kusho uDkt Phalatse, othe bazogxila ekutheni babuyise umkhandlu kubo (kwi-DA), banqande i-ANC nalabo ebambisene nabo kumfelandawonye wenkohlakalo ngenhloso yokuphanga ihlandla lesibili, ngaphandle kokubhekelela izidingo zomphakathi.
Lelo daba kulindeleke ukuthi lulalelwe enkantolo ngoLwesibili oluzayo, u-Okthoba 11.
NgoLwesihlanu, umholi we-DA ePhalamende, uMnuz John Steenhuisen, naye wenza isimemezelo sokuthi akukapheli nge-DA kulo mkhandlu, wafunga wagomela ukuthi bazolwa nezinhlaka ezibeka phambili i-uhlelo lomhobholo kunempilo yamalungu omphakathi.
UDkt Phalatse wasuswa esikhundleni ngesikhathi umalungu omkhandlu ebamba umhlangano lapho ashaywa khona ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe.
Kulo mhlangano kwakhethwa uMnuz Dada Morero, ngaphandle kokuphikiswa, nokunguye oseyimeya yomkhandlu.