LUSAQHUBEKA uphenyo mayelana nesigameko sokuqothwa kwabantu abayisishiyagalolunye esigamekweni esaba yindaba egudwini esenzeka ngempelasonto eyodwa kwa-Q, eMlaza eNingizimu yeTheku.
Lokhu kuvele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza ngesikhathi kuvele owesilisa oyamaniswa nalesi sigameko sokubulawa kwabantu.
Icala lihlehliselwe uNovemba 23 ngenhloso yokuqhuba uphenyo mayelana necala.
Ummeli kamsolwa uMnuz B.M. Ngcobo ukuvumile ukuhlehliswa kwalo. NoMshushisi, uMnuz Khulekani Mzotho uvumelene nokuhlehla kwalo.
Icala liphenywa ngamaphoyisa ezingeni lesifundazwe.
Umlisa oyamaniswa naleli cala uMnuz Sphamandla Dhlomo (24) ubhekene necala lokubulala.
Ngosuku lwesigameko kungoLwesihlanu kuthiwa owesilisa watheleka ebusuku wathatha ikhehla lakwamakhelwane alalineminyaka engu-73 walingqongqozisa emzini ayekade ehlala kuwona okwathi uma bevula wadedela ngenhlamvu.
Kulo muzi wokuqala owesilisa wabulala abantu abathathu, maqede wabulala ikhehla.
Kuthiwa wabe esedlulela emijondolo engezansi kwendawo yesigameko sokuqala lapho afika khona wabulala indodana yekhehla nomngani wayo.
Oyedwa waphuthunyiswa esibhedlela lapho okwafika kwamanela khona.
Owesilisa kuthiwa waphinde wabuya ngakusasa sekunguMgqibelo ebusuku waphinde wabulala abanye abantu ababili ababeyothenga esitolo.
Laba bantu owesilisa ayebabulala kuthiwa babekade bembonile ngesikhathi eqhumisa isibhamu ngayizolo.
Ngemuva kwesikhashana kwenzeke lesi sigameko amaphoyisa abe esebopha uDhlomo enxanxatheleni yezitolo, eCornubia.
Lena yindawo ummeli kamsolwa athi kwakuvunyelwane ukuthi kuhlanganwe kuyona namaphoyisa.