LUQALE phansi uvalo emphakathini waseNhlungwane eNtuzuma kulandela ukudutshulwa kubulawe abane ezigamekweni ezimbili ezahlukene.
Esigamekweni esenzeke ezintatha izolo, kudutshulwe kwabulawa abathathu ebebeyiziqashi kule ndawo, kanti ngoMsombuluko ebusuku bekudutshulwe oyedwa, oyisakhamuzi.
Ngokusho komthombo ocele ukungadalulwa, esigamekweni sayizolo, abasolwa okukholakala ukuthi bebelibangise emqashweni ohlala abafi, baqale badubula owesilisa (40) nowesifazane (24) abahlangane nabo endleleni.
“Kuthiwa baqale bababuza lo abagcine bemdubulela endlini ukuthi uphi, bemgagula ngegama.
“Kuthe beqeda nje ukubayalela ukuthi bazomthola kuliphi igumbi, babadubula bobabili, base bedlulela emqashweni,” kusho umthombo.
Laba ababili kuthiwa bebeyothenga utshwala njengoba bekuphuzwa emqashweni, kumnandi.
Uqhube wathi, bathe uma befika emqashweni, baqonda ngqo egumbini ebeliqashwe yilona wesilisa (50), bamdubula.
“Baqede lapho bathatha izikhiye zetekisi abelishayela, bahamba ngalo,” kusho umthombo, othe itekisi ligcine litholwa lishiywe lodwa eLindelani.
Uveze ukuthi bobathathu abafi bangabokudabuka eMsinga, wathi abanaso isiqiniseko sokuthi bebehlaselelwani wathi ukholwa ukuthi umuntu obefunwa yilo odutshulelwe endlini.
“Laba ababili, bafele ukuthi bababonile abasolwa nokuthi mhlawumbe abantu ababaziyo,” kusho umthombo.
Elandisa ngesigameko sangoMsombuluko, nathe naso senzeke endaweni efanayo nale okudutshulelwe kuyo ababili izolo, uthe umufi uMnuz Zamo Mthembu uvinjezelwe ngabasolwa, bamdubula.
“Kuthiwa bebevile kwabane. Bathe uma beqeda ukumdubula, baphela emehlweni, akucacanga noma bebehamba ngezinyawo noma ngemoto yini,” kusho umthombo.
Imizamo yokuthola imindeni yabafi ayiphumelelanga.
Umsunguli weNtuzuma Neighbourhood Watch uMnuz Andile Jali uthe indawo yaseNtuzuma neyaseNanda zihlaselwe amaqembu emigulukudu, i-East neWest.
Uthe nakuba bengakalutholi ulwazi olugcwele kodwa izigameko zokubulawa kwabantu, ziyamaniswa nawo lamaqembu emigulukudu.
“Kwesinye isikhathi bangenelana bodwa, babulalane bebanga izindawo zokudayisa izidakamizwa.
“Kokunye, babulala amalungu omphakathi bewabamba inkunzi noma bewasukela nje,” kusho uJali.
Edweba isithombe ngalamaqembu, uthe ngendlela ayingozi ngayo, anamalungu angaphezu kuka-50 iqembu ngalinye.
Wakhala ngokuthi abakula maqembu, bayizingane ezincane.
“Izingane ezincane lezi. Zineminyaka eqala ku-16, endala kunazo zonke okuthiwa ingubhongoza wakhona, ineminyaka engu-21.
“Umphakathi uyazisaba ngoba ziphatha izinhlokohlela zezibhamu,” kusho uJali.
Nakuba kuke kwangathi kuyathula kancane ngasekupheleni konyaka odlule ngesikhathi iNIU ibaqotha, kodwa sekuqale phansi.
“Kuthiwa emva kokudutshulwa kwabayisithupha (eZintombini, KwaBester) ubhongoza wakhona, waqala phansi, wahamba engena umuzi nomuzi, efuna amalungu amasha,” kusho uJali.
Uthi wayefika anikeze ingane eno-16 isibhamu athi uma ingafun ukujoyina izozibona ukuqeda.
“Eziningi zijoyinile, ebezisaba abazali bazo bazihambisile endaweni, zayohlala kwezinye izindawo,” usho kanje.
Uthi abakubonayo ukuthi impi yemigulukudu kulendawo isiyoqedwa ukutshalwa kwayo iNIU noma amasosha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa asephume inqina, athungatha abasolwa ngokubulala abantu abane, balimaza noyedwa eNhlungwane.
“Akucaci noma zombili izigameko zihlobene. Onolwazi olungalekelela ophenyweni, uyacelwa athinte amaphoyisa aseduze noma ashayele inombolo yokubika ngobugebengu ethi 08600 10111,” kusho uNetshiunda.