LIZOBOLELA ejele iphoyisa likaMasipala waseKurhuleni eligwetshwe udilikajele.
USiyabonga Nkosinathi Mzolo owayeyiphoyisa likamasipala nomngani wakhe uMfiseleni Mahlaba, bagwetshwe udilikajele ngecala lokubulala umkhaya wabo ongumngani wabo uMduduzi Mcambi.
Laba babulala uMcambi kubangwa imoto yokwebiwa. Kuthiwa uMzolo wadayisela udadewabo kaMcambi imoto eyebiwe.
“Ingxabano yaqala ngesikhathi uMcambi efuna kubuyiswe imali kadadewabo. NgoMeyi 13, 2018 uMcambi wayephuma esitolo sakhe e-Ivory Park eyokha amanzi empompini ngesikhathi ebhujiswa ngentululwane yezinhlamvu,, ehlaselwa uMahlaba, uMzolo nomunye owesilisa ongaziwa,” kusho uPhindi Mjonondwane okhulumela iNPA eGauteng.
Kuthiwa kwaphuma abantu esitolo babona uMzolo ebaleka ngemoto yakhe nabanye abalisa (uMahlaba nomunye ongaziwa) bebaleka ngezinyawo.
Amaphoyisa ayebizelwe lesi sigameko, avinjwa amalungu omphakathi akhomba uMahlaba owayebaleka ngezinyawo.
“Wabanjwa lapho uMahlaba waseshwa kwatholakala isibhamu kuye. Umgilwa waphuthunyiswa esibhedlela nokuyilapho ashonela khona.”
Ngesikhathi kuqulwa icala, ofakazi bakhomba uMzolo, uMahlaba nomunye umsolwa ongaziwa njengababulali. UMahlaba walivuma icala lokubulala, ethi kwadubula uMzolo kuqala wase eyalandela ngoba vele babephethe izibhamu.
Umshushisi woMbuso Adv. David Mothibe ukhale ngokuthi leli yicala elalihleliwe, bonke abasolwa babazi ukuthi bayohlasela uMcambi, bonke behlome ngezibhamu..
Unxuse inkantolo ukuthi isiqinise isigwebo kuMzolo ngoba wayenikezwe igunya lokugcina umthetho kodwa wenza okuhlukile ngokwakha itulo lokubulala.