INKANTOLO yeMantshi e-East London, igwebe abaganene abangabanikazi bejoyinti Enyobeni Tavern, okunguMnuz Siyakhangela noNkk Vuyokazi Ndevu.
Banikezwe isigwebo senhlawulo yemali ewuR5000 umuntu ngamunye, noma bahlale ejele izinsuku eziwu-100 uma behluleka ukukhokha inhlawulo.
Isigwebo sikhishwe ngemuva kokuthi abakwaNdevu, belahlwe yicala lokudayisela izingane ezingaphansi kweminyaka engu-18, utshwala. Inkantolo ithole ukuthi bahlulekile ukuvezela inkantolo ubufakazi obuphelele bokuthi abanalo icala.
Ukugwetshwa kwabo kususe inkulumo ezinkundleni ezahlukene mayelana nabazali ababonakala behlulwa yizingane ezingalawuleki.
Mpumelelo KaMhlongo Kunene: “Sesingalibeka nje icala kubanikazi bethaveni kodwa iqiniso lithi lezingane zehlula thina singabazali bazo, manje bona babezozixosha kanjani zehlula thina sizizala?”
Mkhulu Xulu: “Ezinye izinto ziyifundo kanye nesexwayis, kodwa ngoba sesahlula abazali ingakho nezethu izingane zisehlula. Ukube sisenabo nje abantwana ngabe kwanathi siyavala lento yokungcebeleka kwabantwana bethu kodwa ngeke ngoba bazalwa inzalo kamhlambi ozelusile futhi zizalwa izimpuzi zikatshwala vele kwamama nababa izidakwa.”
Mlungisi Sibonelo Nxumalo: “Kahle, kahle isigwebo akusona esokufa kwezingane, esokungena kwezingane etarven kuphela makunje”🥺🥺🥺😭😭🙆♂️🙆♂️🙆♂️
Abantu basola ukwehluleka kokuziphatha kwezingane okuholele kulesi sehlakalo esenzeka ezintatha ngoJuni 26, 2022 lapho kwashona khona izingane ezingu-21 zijuxuza ejoyintini Enyobeni.
Uphiko lwezokushushisa ezweni iNPA luthi, luzoqhubeka uphenyo ngokufa kwezingane ezingu-21 eNkantolo yeMantshi eMdantsane, lapho kuzobhekwa ukuthi ngobani okufanele bathweswe icala ngokufa kwazo.