UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kulindeleke ukuba ahambele umngcwabo wephoyisa eliyilungu leNIU elishone ngoLwesibili eNtuzuma.
UWarrant Officer Sthembiso Mazibuko (40) ubesebenza ophikweni lwamaphoyisa iNational Investigation Unit. UMazibuko obeneminyaka ewu-16 eyiphoyisa, kuthiwa uqale wasebenza iminyaka embalwa ngaphansi kombutho wezokuvikela kuleli iSouth African Defence Force, wabe esejoyina umbutho wamaphoyisa.
Esigamekweni ashone kuso kulimale elinye iphoyisa ebelihamba noMazibuko elisesibhedlela kanti kwabasendlini kufe ababili besilisa nababili besifazane.
Amaphoyisa aveze ukuthi oyedwa kubasolwa besilisa oshone kulesi sigameko kukholakala ukuthi uyathinteka emacaleni okubulawa kwabantu angu-12, okubalwa nawokubulawa kwamalungu abesemakomitini abhekelele obugebengu emphakathini.
Umngcwabo kaMazibuko obusehholo lomphakathi kwaL KwaMashu, kulindeleke ukuthi ungqongqoshe wamaphoyisa athule inkulumo yosuku yokuphelezela leli qhawe.