ISOSHA lombutho wezempi wakuleli, iSouth African National Defence Force (SANDF), elisolwa ngokudubula libulale unkosikazi walo, lichazwe njengendoda enodlame ebihlukumeza unkosikazi wayo uNkk Tania Msane Zungu (36) ongcwatshwe ngeSonto.
Isosha, uMnuz Lwanda Mxolisi Zungu, livele eNkantolo yeMantshi ePinetown, izolo, emuva kokuzinikela emaphoyiseni. UZungu onomzimba oyisidlakela, usolwa ngokudubula abulale unkosikazi wakhe ngoJanuwari 3, ngesikhathi izingane zabo ezimbili nogogo wazo, uNkk Gwen Msane, besendlini. Emuva kwesigameko wabaleka.
UNkk Msane ekhuluma nephaphandaba elinguzakwazo weSolezwe, iDaily News, uthe ngosuku lwesigameko wayevakashele laba abaganene njengoba babekade bendawonye ngosuku lokuhlukanisa unyaka.
“Ngijwayele ukuphuma ekameleni ukuze ngiyogeza emuva kokugeza kukamkhwenyane wakwami ngoba ngiyamhlonipha kodwa ngalolo suku angizizwaga izigi zakhe. Ngalinda kwaze kwaba ngu-9.30 ekuseni kodwa wayengakaphumi ekameleni lakhe,” kuchaza uNkk Msane.
Uthe waqhubeka walinda kanti ngesikhathi elindile yilapho ezwa khona indodakazi yakhe immemeza, ithi uZungu uyayishaya. “Ngesikhathi ngiphuthuma egumbini labo ngezwa kuqhuma isibhamu kaningi, izingane zase zivele zisivulile isicabha sekamelo labazali bazo. Ngesikhathi ngifika ngabona igazi liphuma emzimbeni kaTania,” usho kanje.
Uthe ngaleso sikhathi, uZungu wayesaqhubeka edubula nabo base beyabaleka. “Ngesikhathi sifika esangweni omakhelwane base bengaphandle bethi bezwe kuqhuma isibhamu,” kusho yena.
Ngaphezu kwalokho, uthe omakhelwane bakhe babacashisa benezingane. “Ngambona ephethe isibhamu engena emotweni,” usho kanje.
Uthe ngosuku lwesigameko i-ambulensi yathatha isikhathi eside ukufika.
Echaza ngobudlelwane babo, uthe laba abashadile bebehlala ngokulwa kanti uZungu ubenodlame, wathi uZungu ubehamba uhlelo lokwelulekwa esontweni. Uveze ukuthi kuke kwaba nesikhathi lapho uZungu edlulisela khona isibhamu esontweni njengoba wayethi wayeseqala kabusha futhi baze bavuselela izifungo zabo ngoMeyi 21, nyakenye, ngosuku lokuzalwa lukaTania, bekhombisa ukuthi baqala kabusha.
UNkk Msane uqhube waveza ukuthi usanda kuthola ukuthi uZungu wabuyela esontweni wayolanda isibhamu sakhe kanti kuthiwa waveza ukuthi wayezosidayisa. Uthe uZungu ngesikhathi enyamalele emuva kwesigameko, ubexhumana nezingane zakhe kanti uma zimbuza ukuthi ukephi ubezitshela ukuthi akubalulekile ukuthi ukuphi kodwa uzama ukwenza isiqiniseko sokuthi aziyi ekhaya lezintandane.
Okunye okuvelile ukuthi uZungu ubeba nesihluku uma kwenziwa inkonzo yasekameleni ngoba ethi ufuna ukuzwa ukuthi inkosikazi yakhe ayisali yini igange uma esahambe ngokomsebenzi. Kuthiwa umufi ubangasakuthokozeli ukuhlangana naye nokungezinye zezinto ebezibangwa.
Uthe ukhathazekile ngokuphepha kwakhe nokwezingane uma uZungu angase adedelwe ngebheyili. Yize kunjalo, ukubalulile ukuthi uZungu wayenza isiqiniseko sokuthi izingane zakhe zinakho konke ezikudingayo futhi zifunda ezikoleni eziphambili. “Ngangimtshela ukuthi ngijabule kanjani ngendlela anakekela ngayo izingane zakhe,” kusho uNkk Msane.
Udadewabo kaZungu, uNksz Lwandile Zungu, uthe akukho lula emndenini wakhe ikakhulukazi njengoba kukhona izingane esezisele zingenabazali. Uchaze umfowabo njengomvikeli. “Asimazi uLwanda engumuntu onodlame,” kusho uLwandle.
Icala likaZungu lihlehliselwe uJanuwari 17, ukuthi afake isicelo sebheyili nokuthi umphenyi wecala aqoqe ubufakazi ngaye nokuthi aphenye ngekheli lakhe.