LISOLA ukudlaliswa injeje yiziphathimandla kumasipala, ikhansela laseMuden ngaphansi kukaMasipala waseMvoti elithi sekuphele isikhathi eside umphakathi wendawo eliyiphethe unganikwa amanzi.
UMnuz Sijula Myaka oyikhansela le-ANC, usola iziphathamandla zikaMasipala Umzinyanthi ngokuzama ukumnyundela kumalungu omphakathi we-ward, njengoba ethi amaloli ahlinzeka umphakathi ngamanzi kuyaphela nezinyanga ezimbili engabonakali ku-ward 8, kodwa ayabonakala eyohlinzeka abaku-ward 11 esondelene neyakhe ephethwe yi-IFP.
“Lesi simo singiqhatha nomphakathi ogcina usuvala umgwaqo ngenxa yokunganikezwa amanzi. Kuhlula noma ngibafonela ngicela ukuthi kuthunyelwe amaloli amanzi endaweni ukuze abantu basizakale, kodwa bavele bathembise emva kwalokho bazibe izingcingo bangabe besazibamba,” usho kanje.
Uthe lesi simo sigcina sesimphoqa ukuthi ashaye ephaketheni lakhe aqashe ugandaganda ukuthi ulandele abantu amanzi kodwa agcina enganelanga kwazise ulayisha umthamo omncane kakhulu wamanzi.
Uveze ukuthi noma kwenzeka amaloli ethunyelwa, agcina ngokuthunyelwa emizinini ethile okwaziwayo ukuthi kuyona bangamalungu e- IFP kuyokuthi kuleyo okwaziwa ukuthi eyamalungu e-ANC inganikwa noma ngabe kunesimo esiphuthumayo njengokuthi kwenziwa umsebenzi.
“Kamuva nje kuphoqe ukuthi ngiqashe ugandaganda njengoba komunye umuzi endaweni bekunomsebenzi omkhulu. Bese kunesikhathi amanzi bewacelile kodwa kuthe kufika usuku lwawo, kwavele kwangathunyelwa iloli ekubeni ngokwendlela yokwenza umuzi okushonwe kuwo noma okwenziwa kuwo umsebenzi kufanele ulethelwe amanzi uma ucelile,” usho kanje.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uMasipala waseMzinyathi ukuze uphawule njengoba ucingo belukhala lungabanjwa nemibuzo ethunyelwe ingaphendulwanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicillela.
Lo masipala ungomunye onezindawo eziningi okukhalwa kuzo ngamanzi. Phambilini, umholi weqembu i-Abantu Batho Congress uMnuz Philani Mavundla, ukhale ngokuchitha imali encane kunokulindelekile ohlelweni lokuhlinzekwa kwabantu ngamanzi nokuthuthwa kwendle kulo masipala eveza ukuthi imali eyabelwe lolu hlelo ingase ibuyiselwe emuva. Kepha iMeya uMnuz Petros Ngubane wazichitha lezi zinsolo ngelokuthi kuzothi kuphela unyakamali kamasipala ngoJuni, 30, imali engu- R102 million okumele isetshenziswe ekwakheni ingqalasizinda yamanzi nokuthuthwa kwendle ibe seyisetshenziswe yonke ngendlela efanele. Waqinisekisa ukuthi ayikho imali ezobuyiselwa emuva.