LILOLIWE izembe ebuholini bomasipala abaphethwe yi-IFP abangenzi kahle njengoba ithembisa ukwenza izinguquko ebuholini bemikhandlu ehlulwa wumsebenzi.
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe bazoqala uhlelo lokuhlola ukusebenza kwabo bonke omasipala abaphethwe yile nhlangano, bese benza izinguquko ebuholi uma kunesidingo.
UHlabisa uthe bazoxosha bonke abangenzi kahle noma ngabe lokho kusho ukuthi kufanele kuyiwe okhethweni lokuchibiyela.
Ukusho lokhu enkulumeni yakhe lapho ebefisela khona abakuleli izilokotho zonyaka omusha.
UHlabisa uthe njengoba kuqala unyaka bazohlola ukusebenza kwabo bonke omasipala ababaphethe ukuthi bawenza ngendlela yini umsebenzi.
I-IFP iyona ephethe iningi lomasipala baKwaZuluNatal, kulandela ukwenza kahle kwayo okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021.
“Emva kokuhlola ukusebenza komasipala, sizokwenza izinguquko lapho kunesidingo khona. Izimeya, amaphini ezimeya, osomlomo namakhansela bazoxoshwa uma kunesidingo. Asikhathali noma ngabe kusho ukuthi kufanele kuyiwe ikhethweni lokuchibiyela. Angeke silokhu sibeka izaba. Sinenselelo yokuthi sichazele abantu bakuleli ngebanga esesilihambile nezinselelo esibhekene nazo.”
UHlabisa uthe i-IFP izoqhubeka nokubeka phambili izidingo zabantu bakuleli, wathembisa ukuthi uzohambela zonke izindawo zakuleli ukuyozwa izikhalazo zabantu.
“Ngo-2019, sazibophezela ekutheni sizosondela kubantu. Izinhlelo zethu zaphazanyiswa ukubheduka kobhubhane iCorona. Njengoba isimo sesithanda ukubuyela kwesejwayelekile, sizoqhubeka nalezi zinhlelo. Ngifuna ukukhuluma nawo wonke umuntu wakuleli.”
Enkulumeni yakhe, uHlabisa ukhale kakhulu ngezimo zenhlalo ezingezinhle abantu bakuleli abaphila ngaphansi kwazo.
UHlabisa ugxeke i-ANC ngezinkinga ezibhekene nabantu bakuleli abale kuzo ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga, ukungahanjiswa kwezidingo, ukungabi bikho kwamathuba emisebenzi nobugebengu.
Ube esenxusa abantu bakuleli ukuthi bavotele i-IFP okhethweni lukazwelonke oluzokuba ngonyaka ozayo.
UHlabisa uthe i-IFP ingakwazi ukushintsha impilo yabantu bakuleli uma inganikwa ithuba.
“Kule minyaka engu29 sathola inkululeko, izwe cishe laguqa ngamadolo. Unyaka ka-2023 kufanele siwusebenzisele ukukhankasela ukuba kube noshintsho ebuholini bezwe njengoba sibheke okhethweni lwango-2024.
“Ukhetho oluzayo lubalulekile kakhulu ngoba lingasho ukuphila noma ukufa kwezwe lethu. Kubalulekile ukuthi sikhankasele ushintsho nenqubekela phambili empilweni yabantu.”