KUVELA ukuthi selihlukene phakathi ibandla laseZayoni amaJericho ngoMfundisi walo ophinde abe yinyanga osezikhindini, osolwa ngokuba unggondongqondo ekusocongweni kukamama nendodakazi okwenzeke emasontweni amathathu edlule.
UMnuz Simphiwe Abraham Mhlaba (54) ubevele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, ngoMsombuluko, usolwa ngokubulala uNkk Patricia Jeza (48) nendodakazi yakhe uNksz Queen Jeza (28).
Izidumbu zalaba ababili zatholakala zilahliwe emaChobeni, eNanda, kwase kuboshwa uMhlaba okwavela ukuthi waba nengxabano nalaba ababili kubangwa uR300 000 “wokubathwalisa.’’
Kwavela ukuthi abagilwa bakhokhela umsolwa le mali befuna ukuthi abathwalise okuthe uma kungasayi ngamagama enkehli base befuna ukubuyiselwa imali yabo.
Lokhu kuvela ukuthi yikhona okususe udungunyane phakathi kwabo nomsolwa.
Isolezwe likhulume nabangamalungu ebandla bezigodlile amagama abo, baveza ukuthi ibandla lihlukene phakathi ngokuthi asekwe yini uMhlaba noma cha.
"Kukhona abakholelwa ukuthi akanacala, kumele esekwe uma evela enkantolo, kube khona abathi angeke bona beseke umbulali," kuchaza umthombo.
Nelinye ilungu lebandla nalo lipotshozele Isolezwe ukuthi ibandla lihlukene phakathi.
Umsolwa waziwa ngokuphila impilo ewubukhazikhazi. Uhlala emzini oyisitezi oseNanda. Uhamba ngonyanyavu lwemoto lohlobo lwe-Range Rover olubhalwe isibongo sakhe.
Umsolwa ungumfowabo wenyanga eshone ngonyaka odlule, uMnuz Samuel Mhlaba, owayedume ngokwelapha uZodwa Wabantu.
Ngesikhathi engena enkantolo umsolwa ubebonakala ekhululekile efake ihembe elimnyama egunde nembungculu.
Ubingelele abebezomeseka ebebeyingcosana ngaphakathi enkantolo.
IMantshi uMizri ithe icala lihlehliselwa isonto elizayo ngoLwesine, ukuze umsolwa ezofaka isicelo sakhe sebheyili.
UMshushisi wecala uMnuz Sphamandla Dlamini, uvumelene nokuthi icala lingahlehliswa.
Ngaphakathi enkantolo bekukhona namalungu omndeni abagilwa kubonakala nje ukuthi simuncu isimo.
Amalungu emndeni yabafi ale aphetha ukukhuluma neSolezwe, athi kawazimisele ukusho okuthile.
Imizam yokuthola ukuphawula kwabebandla lamaJericho ayiphumelelanga ngoba izingcingo nemiyalezi abathunyelelwe yona bekungaphendulwa.