LIHLELISELWE u-Okthoba 27 icala lamadoda amathathu asolwa ngokubulala owangumshayisibhakela waseNingizimu Afrika, uCorrie Sanders.
uPaida Fish (19), Samuel Mabena (27) noChris Moyo (25) babhekene necala lokubulala namathathu okuphanga behlomile.
Abasolwa bebeqala ukubingelela iMantshi kanti njengoba icala lihlehlisiwe bazoqhubeka nokutoka.
La madoda aboshwa ngoLwesine emijondolo yase-Oukasie ngase-Brits.
Ngesikhathi beboshwa amaphoyisa athola iselula, okhiye bemoto, isikhwama nemali okwakuthathwe ku-Sanders ngesikhathi edutshulwa ngoSepthemba 22.
Bobathathu abasolwa badabuka eZimbabwe.
USanders ongcwatshwe izolo wadutshulwa esandleni nasesiswini, washonela esibhedlela iKalafong.
UMabena ubengaqali ukuvela enkantolo ngecala lokubulala. ngoSepthemba 5 wayekade evelile ngecala lokubulala umlimi, uMnuz Mauritz Oberholzer, ngase-Brits.
USanders uzokhunjulwa ngokuhlwitha isicoco kusondonzima wase-Ukrain uWladimir Klitsckho amgingqa phansi emzuliswaneni wesibili empini eyayiseHanover, e-Germany ngo 2003.