UNINA kaSifundo Sibisi, waKwaNdengezi, ePinetown, uNksz Nonhlanhla Sibisi, ufuna obeyisoka lakhe abolele ejele, osolwa ngokubulala ngesihluku indodana yabo uSifundo ebineminyaka eyisishiyagalolunye.
IMantshi ilihlehlisele u-Okthoba 8 ukuze umsolwa, uMnuz Siyabonga Shezi enze isicelo sebheyili.
Echaza uNksz Sibisi, usola ukuthi uShezi wabulala indodana yabo ngokuyiklinya ngentambo eyayibophe isikhindi sayo maqede wayolaxaza isidumbu sayo ehlathini laseMtshombozi, eMgoshongweni.
Uthe okwenza abe nesiqiniseko sokuthi nguShezi owenza isihluku endodaneni yabo wukuthi nguShezi owadlula wayithatha kubo futhi nguye owafonela uNksz Sibisi, emazisa ukuba aphuthume ehlathini eyolanda isidumbu sayo singaze sidliwe yizilwane zasendle.
Ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto emuva kokuba umsolwa uShezi evele phambi kweMantshi yaseNkantolo yeSifunda ePinetown, uNksz Sibisi uthe ufuna umsolwa ajeze ngalesi sihluku abulala ngaso indodana yakhe.
“USiyabonga uma eke waphuma lokho kuyosho ukuthi umthetho waseNingizimu Afrika untekenteke futhi awucabangelani. USiyabonga walanda umfana wami ekhaya wamklinya ngentambo yesikhindi sakhe wambulala. Umuntu onjalo akafanele ukuthi abe ngaphandle.
“Okungethusa kakhulu wukuthi uSiyabonga wathi mhla waphuma uzoqeda ngami kanye nomndeni wami. Akumele athole ushwele lo muntu, ufanelwe wukubolela ejele-nje,” kusho uNksz Sibisi.
Ilungu lomphakathi ebelizokweseka uNksz Sibisi, uNksz Sindi Mbhele uthe njengomphakathi bafuna umsolwa ajeze futhi angaphinde abone ukukhanya. UNksz Mbhele uthe okumkhathaza kakhulu ukubona intombi kamsolwa izomeseka.
“Lo muntu uyisilwane, ukhona umuntu ophila kahle ongabulala ingane yakhe? Lo muntu akumele athole ushwele. Okungijabhisayo wukubona intombi yakhe izomeseka, ngiyazibuza ukuthi uma kwenzeka emmithisa bese ephinde ebulala ingane yabo, uyokuthokozela yini lokho,” kusho uNksz Mbhele ngentukuthelo.