UBUYISELWE esisibhedlela sasejele uZandile Mafe osolwa ngokushisa iPhalamende kuhlehliswa icala.
UZandile Christmas Mafe, obhekene namacala obuphekula nokushiswa kwempahla ugqunywe esigcemeni sesibhedlela saseJele lasePollsmoor, kulandela ukuvela kwakhe okokuqala eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngemuva kokuhlolwa ingqondo esibhedlela iFort England Psychiatric Hospital, e-Eastern Cape.
Ngomhla ka28 Mashi kulo nyaka iJaji uNathan Erasmus lakhipha umyalelo wokuthi uMafe akagqunywe esibhedlela izinsuku ezingu-30 ehlolwa ingqondo.
“Ijaji layalela odokotela bengqondo esibhedlela ukuthi bahlole ukuba ngabe ummangalelwa ugula ngengqondo noma ukukhubazeka kwengqondo, uyakwazi yini ukuqonda okuqulwa yinkantolo, angakwazi ukuzivikela ngendlela efanele, nokuthi ngesikhathi enza icala ngabe wakubona yini ububi besenzo sakhe nokuthi ukwazisa kwakhe ububi besenzo sakhe ngaleso sikhathi kwakuthonywe ukugula ngengqondo noma ukukhubazeka kwengqondo noma iyiphi enye imbangela.
Namuhla, iJaji litshele inkantolo ukuthi lithole umbiko osuka kwizazi ngomhla ka24 Meyi 2023 lawudlulisela kubo bonke abathintekayo.
“UMbuso nabameli bomsolwa bavumelene ngokuthi ngeke idalulwe emphakathini imiphumela yalo mbiko,” kusho iNPA.
U-Adv. Dali Mpofu SC ongummeli kamsolwa ucele inkantolo ukuthi badinga isikhathi sokufunda umbiko futhi mhlawumbe nabo bazobiza ezabo izazi ezizowuphikisa umbiko.
Umshushisi woMbuso u-Adv Mervyn Menigo uthe uMbuso kawuwuphikisi umbiko futhi uyakwamukela ukuhlehliswa kwecala.
Icala lizobuyela ngomhla ka13 ngenyanga ezayo enkantolo lapho kulindeleke ukuthi abameli bomsolwa babikele inkantolo ngabakuphethe.