LIHLEHLISELWE uJulayi 13 icala lokudlwengula owesifazane (51) nomzukulu wakhe (7) eChesterville elibekwe uMnuz Thalente Mbongwa.
Izolo uMbongwa (31) uqale wavela ngaphambi kwenkantolo ebhekelele amacala athinta izingane, ucansi nemindeni enkantolo yeMantshi yaseThekwini lapho umshushisi ephakamise ukuthi icala lidluliselwe enkantolo yesifunda ngoba uMbongwa usemtholile ummeli.
Ummeli kaMbongwa, ozichaze ngokuthi uwuMnuz P Daniso, ucele imantshi ukuthi ilihlehlise icala ukuze akwazi ukufunda kahle okuqukethwe yidokodo.
“Ngiyazi ukuthi ummangalelwa (Mbongwa) ulivumile icala kodwa ngifuna ukuthola ukuthi uzivumele ngokuthanda kwakhe hhayi ngoba ebephoqiwe noma ukubuyiselwa emaphoyiseni amshayile. Ngithole ubenziwa wukuthi akafuni ukubuyela emaphoyiseni amshayile. Kumanje ulimele amadolo neqolo ngoba uthi ushayiwe,” kusho uDaniso.
Umshushisi, uNkk Shayna Naidoo, uthe uMbongwa ubekwe amacala abucayi ahambisana nesigwebo sikadilikajele.
Imantshi ithe icala lizohlehlela uJulayi 13 yadonsa uMbongwa ngendlebe ukuthi abe senkantolo ngalolu suku.
Imbuzile ukuthi uyakudinga yini ukubonwa odokotela njengoba ummeli wakhe eveze ukuthi ulimele.
UMbongwa uvumile yase imantshi ithi izobhala ukuthi ayiswe esibhedlela sasejele ukuze athole usizo lwezempilo.
Ibuye yamkhumbuza ukuthi amacala abekwe wona abucayi, uma emlahla uzogwetshwa udilikajele.
Abantu baseChesterville bebefike ngobuningi babo enkantolo kodwa abakwazanga ukungena bonke ngenxa yobucayi becala nemithetho yeCovid-19.
Bekukhona uphiko lwabesifazane lwe-ANC, olwe-IFP, abesilisa namanye amalungu omphakathi abezoseka umndeni.
Uyise wengane edlwenguliwe uthe into eyenziwe wuMbongwa imenza abazonde abantu besilisa ngoba impilo yentombazanyana yakhe ngeke iphinde ifane.
Uthe uyafisa umthetho usheshise ukugweba uMbongwa angaphathiswa okomuntu onamalungelo ebe enze isihluku esisabekayo kubantu.
Abomndeni babonge ababasekayo bathi banelisekile ngendlela udaba olusingethwe ngayo enkantolo ngoba ummangalelwa utsheliwe ukuthi amacala uma emlahla uzodilikelwa yijele.