ICALA lokugqugquzela izibhelu abhekene nalo uMnuz Bonginkosi Khanyile eNkantolo yeMantshi yaseThekwini liphinde lahlehliselwa umhla ka-11 Disemba kulo nyaka.
Lesi sishoshovu, sodumo lomkhankaso owawubizwa nge-#FeesMustFall, sisolwa ngokugqugquzela ukuba abantu bataphe ezitolo, okuyisigameko esenzeka ngoJulayi nyakenye. UKhanyile usolwa ngokugqugquzela udlame emphakathini nelokuphula umthetho obizwa ngeDisaster Management.
Lolu dlambedlu lwadlula nemiphefumulo yabantu abangaphezu kuka-300 futhi lacekela phansi impahla. Inkantolo yake yezwa ukuthi uKhanyile wayengafuni kuboshwe owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma. UMbuso wake wasola uKhanyile ngokusebenzisa amaqhinga ukulibazisa ukuqulwa kwecala lakhe ngokunxusa ukuba kwengezwe abameli.
Khonamanjalo lizobuyela eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoMsombuluko icala lenkohlakalo nokukhwabanisa elibhekene nowayeyimeya yaseThekwini, uNkk Zandile Gumede. Usolwa enkohlakaleni yethenda lokuqoqwa kukadoti yesamba sika-R208 million kanti uboshwe nabanye abangu-21.