LIHLEHLISELWE inyanga ezayo, yiNkantolo yeMantshi yasePinetown, icala elibhekene nephoyisa lasesiteshini saKwaDabeka elisolwa ngokubulala unina esigamekweni esenzeka ngoMeyi nonyaka.
UConstable Lungisani ‘Mazambane’ Xaba (46) ubevele kule nkantolo izolo, ngecala lokubulawa kukanina uNkk Greta Xaba (81), okukholakala ukuthi wamshaya ephindelela ngepulangwe elinezipikili washonela esibhedlela ngenxa yokulimala kabi.
UXaba ugqunywe esitokisini kusuka ngoMeyi eboshwa emva kosuku okwabulawa ngalo uNkk Xaba.
NgoJulayi inkantolo yamnqabela ibheyili ngoba kuthiwa ujwayelene nofakazi bombuso okuyinto engaphazamisa uphenyo.
Inkantolo inqume ukulihlehlisela u-Okthoba 28 licala emva kokuthi umbuso uveze ukuthi idokodo lizodluliselwa kumshushisi eNkantolo yesiFunda ePinetown okuyiyona ezoqhubeka nokulalela icala.
“Imiphumela yolibofuzo oluthathwe epulangweni elasetshenziswa ukubulala umufi seyishicilelwe, nombiko wokuhlola ngemibhalo yesandla nawo usushicilelwe,” kusho umshushisi.
UXaba ngaphambi kokuthi aboshwe, ubehlala nonina, umzala wakhe, ingane kamzala wakhe nezingane zakhe (uXaba). Ubesesebenze njengephoyisa esiteshini esiKwaDabeka kusuka ngo-2010.
Phambilini, ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa laveza ukuthi uXaba bekuthi uma ephuzile athuke unina, amthethise njengoba wayengasakwazi ukuzenzela izinto, ehlala elele ngenxa yokugula okwakuhambisana nokukhula.