MHLENGI SHANGASE
KUSHILE ezikhulwini zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ezilawula izikole ezithole ngaphansi kuka-40% emiphumeleni kamatric. Kumele zethule umbiko njalo, wokuthi zizosilungisa kanjani isimo.
Akubona othishanhloko bezikole ezithole ngaphansi kuka-40% abazokwenza lokhu. Kuzomele abahloli, nabaqondisi bezifunda bachaze ngelabo iqhaza ekutheni izikole zibhacaze futhi basho ukuthi yimiphi imizamo abayenzile ukuzisiza.
Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe womnyango uMnuz Kwazi Mshengu, wathi izinto zigaya ngomunye umhlathi. Uthi inhloso yabo ukuthi ukuthola izinselelo nezinkinga ezenze ukuthi lezi zikole zingakhiqizi imiphumela emihle.
“Siqale ngezifunda ezimbili ezikhale ngokushoda kothisha, izinkinga zemibhikisho yomphakathi, ukulova kothisha nezinye ezenze ukuthi izikole zingenzi kahle. Lokhu sikwenza ukuze siphucule imiphumela kamatric kulo nyaka,” kuchaza uMshengu.
Uthe ufuna ukuzibambela ukuze asize ngoba baqedile ngezikole ezithole u-0%, sebefuna ukuqeda ngalezi ezithola u-40%.
“Kulezi zigcawu asibabangeli umsindo kodwa sisuke sifuna ukwazi ngoba sonke kumele siphendule ngemiphumela. Kwesinye isikhathi uthola ukuthi yinhlokohhovisi eyenzele phansi izikole zangakwazi ukuba nemiphumela engcono. Nyanga zonke sizobe sithola imibiko ngebanga eselihanjiwe ukulungisa isimo.”
Uqhube wathi imibhikisho yemiphakathi iphazamisa ukufunda nokufundisa.
“Eminye imiphakathi ivala izikole ngezinto ezingahlangene nezemfundo. Ivala izikole ngenxa yamanzi nezinye izidingo bese icabanga ukuthi uhulumeni uzoba nengcindezi yokusheshe aphendule uma kuvalwe isikole. Sithi uma uvala isikole, uvalela ngaphandle izingane zakho, ezinye zizokwenza kahle.”
Uthe ziyanda izehlakalo zokuvalwa kwezikole esifundazweni wanxusa ukuthi uphele lomkhuba ngoba kubulawa ikusasa lezingane. Ubalule nokuthi kulezi zigcawu, uthishanhloko uyabuzwa ukuthi inkinga ibe kuphi aze athole u-40%, abuzwe ukuthi yikuphi okwenziwe ngabahloli ukusiza.
“Uma kungukuthi izinto zikhomba thina, inhloko yomnyango kumele iphendule ukuthi kwenzakaleni. Uma isimo singahambi kahle, sonke kumele sichaze,” kusho uMshengu.