KUHLWE emini umseshi ekhalelwa amasongo kaSigonyela kulandela i-video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana ebhaxabula abantu.
Isigameko sango-Agasti 22, 2023, esenzeka kuN11 eNewcastle sasabalala ezinkundleni zokuxhumana sibonisa izinsizwa eziyisikhombisa zilele phansi zinenebulwa ngesibhaxu.
Yikona kanye lokhu okusukumise uphiko oluphenya amacala amaphoyisa, iPolice Investigative Directorate (Ipid), lwaphenya ngalolu daba.
URobbie Raburabu okhulumela lolu phiko, utshele abezindaba ukuthi amaphoyisa abonakala kule video eshaya futhi ekhahlela lezi zinsizwa zilele phansi eduze komgwaqo.
“Abagilwa ababili baphume amazinyo kanti abanye basale nemihuzuko,” kusho yena.
USergeant Sibusiso Kunene osebenzela uphiko lweMajuba District Special Task Team uboshwe ngoMsombuluko.
Kuthiwa uKunene uyena obonakala ekhahlela abagilwa.
Leli phoyisa livelile eNkantolo yeMantshi eNewcastle ngamacala amahlanu okushaya ngenhloso yokulimaza. Ngemuva kokuthola ibheyili, inkantolo ibe isimyalela ukuba abuye ngoSephthemba 19, kwephezulu ukuze kuqhubeke ukuqulwa kwecala.