UKWEHLELWA ukwesekwa kwe-ANC okhethweni lukazwelonke ngeledlule, kwenze abanye abaphathiswa, ongqongqoshe kanjalo nondunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube, badliwa yizembe bangalibona elidlalayo ohlwini lwabaya ePhalamende nasesiShayamthetho.
I-ANC ithole izihlalo ezingu-14 esifundazweni yathola izihlalo ezingu-159, kuhlanganisa ezasePhalamende naseMkhandlwini weziFundazwe.
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni uNkk Bongi Sithole-Moloi, obengunombolo 15 ohlwini lwabaya esiShayamthetho, akalibonanga elidlalayo njengoba uhlu lwabaya esiShayamthetho luvale ngoMnuz Mafika Mndebele, okhulumela i-ANC esifundazweni ongunombolo 14.
UNkk Dube-Ncube obengunombolo 31, ohlwini ngomunye wabaholi abangabuyeli esiShayamthetho.
Abanye abaholi be-ANC abangalibonanga elidlalayo ohlwini kubalwa usotswebhu we-ANC esiShayamthetho uMnuz James Nxumalo we-SACP, uNobhala wamaKhomanisi esifundazweni uMnuz Themba Mthembu oyiphini likasomlomo wesiShayamthetho, uNksz Zinhle Cele, owake wakhulumela i-ANC esifundazweni uMnuz Nhlakanipho Ntombela, usihlalo wekomiti lezemfundo esiShayamthetho uMnuz Sifiso Sonjica, uMnuz Mike Mabuyakhulu obezokhuza ibuya ukuba uKhongolose uthole izihlalo ezenele, uNksz Vuyiswa Caluza, uMfundisi Vusi Dube, uNkk Ntombikayise Sibhidla-Saphetha owake waba nguMphathiswa wezobuCiko amaSiko nezemiDlalo kanjalo nobenguMphathiswa wezobuCiko amaSiko uNkk Amanda Mapena okhonjwe indlela nyakenye, nabanye.
Kuzwelonke bangaphezu kuka-70 abaholi be-ANC okubandakanya noNgqongqoshe abangalibonanga elidlalayo njengoba le nhlangano yehlelwe wukwesekwa.
Kulabo ngqongqoshe kubalwa owamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, owezobuDlelwano namazwe omhlaba uNkk Naledi Pandor, owezeNhlalakahle uNksz Lindiwe Zulu, owezemiSebenzi uMnuz Thulas Nxesi, namanye amaphini ongqongqoshe.
Obengungqongqoshe wezemidlalo kuzwelonke uMnuz Zizi Kodwa, osule kulesi sikhundla njengoba ebhekene necala lenkohlakalo uhleli kunombolo 25, kwabaya ePhalamende. Akucaci noma uzobuyela yini ukuyofungiswa njengoba ehoxe nasezigungwini ze-ANC, ngenxa yokuthi usebekwe amacala ngakho ulandela umgomo wale nhlangano wokuthi abahamba amacala kumele bahoxe kuze kuphothulwe amacala ababhekene nawo.
Ungqongqoshe ehhovisi likamengameli obhekele abesifazane nezingane uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, wamemezela ukuthi usezibeka phansi izintambo emuva kokhetho.
Kwenzeka lokhu nje amaqembu amatasa nezinguyazana zokubumba uhulumeni wokubambisana njengoba lingekho iqembu eladla umhlanganiso kuzwelonke elingakwazi ukubumba uhulumeni ngalodwana.
Kanjalo nasesifundazweni kudingeka amaqembu asebenzisane ukwakha uhulumeni.