LIBUYELA enkantolo icalalo kubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa kulandela ukuguqa kwalo isigubhukane ngenyanga edlule abameli babamangalelwa becela isikhathi sokufunda imiqulu evela kumbuso.
Ngaphambi kokuguqa abameli baveza ukuthi kunomqulu kafakazi oyisazi sezokucwaningwa kwamaselula, uColonel Gideon Gouws abangenawo kodwa abawudingayo.
Abameli bakhala ngokuthi abazange banikezwe le miqulu kafakazi yize umbuso wawumile kwelokuthi babanikeza lolu lwazi, usebenzisa isigaba 205, esibagunyaza ukuthola ulwazi lwamaselula abasolwa.
Umeli u-Advocate Sipho Ramosepele wabuye waveza ukuthi emiqulwini abayinikezwa kubonakala sengathi inombolo okuthiwa ngekamsolwa uBongani Sandiso Ntanzi ingeyomunye umuntu.
“Kubonakala sengathi le nombolo ingeyomunye umuntu futhi naye lowo muntu wesifazane uqinisekisile ukuthi usenesikhathi eside eyisebenzisa, kodwa umbuso uyaqhubeka nokuthi le yinombolo yomsolwa wesibili,” kusho yena.