BAPHINDE bahlangabezana nembibizane abefundisi ababili, ababekade benqatshelwe isicelo sebheyili, njengoba inkantolo iphinde yakhipha isinqumo esifanayo izolo.
Izelamani, uMnuz Mhlanganyelwa (70) noMnuz Samson Ngubane (59), zibhekene necala lokubulala nelokuphanga iselula owayengumholi waBahlali baseMjondolo, uNksz Nokuthula Mabaso (40).
Umufi wadutshulwa wabulawa eCato Crest, eThekwini, ngoMeyi 5 nonyaka, waphangwa nomakhalekhukhwini wakhe.
Ngo-Agasti oNgubane benqatshelwa ibheyili yiMantshi, uN Mhlungu, weNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Basanda kufaka isicelo sesibili sebheyili kodwa le mantshi iphinde yabachitha, yathi awekho amaphuzu amasha, ehlukile futhi ahlabahlosile abekwe oNgubane, abengenza igudluke esinqumweni eyayisithathile.
La madoda ayawaphika amacala athweswe wona, athi yitulo elikhandwe ngabathile endaweni okuhloswe ngalo ukubacekela phansi ukuze bafezekise izinhloso zabo.
Icala libe selihlehliselwa uJanuwari 16 ngonyaka ozayo ukuze ummeli wabasolwa ethulele inkantolo izethulo mayelana necala.
UMshushisi, u-Advocate Kevin Govender, uthe uMbuso ulinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu sikamufi bese belinda isinqumo senhloko yoPhiko lwezokuShushiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ukuthi inqume ukuthi icala lizoqulwa eNkantolo eNkulu noma eNkantolo yesiFunda.
UGovender uqale wacela inkantolo ukuthi ilihlehlisele uFebhuwari icala kodwa oNgubane babizela eduze ummeli wabo, bamtshela ukuthi akasiphikise lesi sicelo.
Nebala ummeli wabo ucele inkantolo ukuthi ibanike usuku olunganeno, ekhala ngokuthi abasolwa sebebhadle ejele izinyanga ezinhlanu.
Laba ababili baboshwa ngoJulayi 26 emuva kokuthi bezinikele emaphoyiseni ayekade ebafunela icala.
Phambilini la madoda atshela inkantolo ukuthi angabefundisi abahlonishwayo endaweni kanti izolo ashayelele isipikili sokuthi ayazisebenza, angabathungi enkampanini yabo.
Bakhombise ukunengeka abantu namalungu omndeni wabasolwa ngesinqumo sokuncishwa kwabo ibheyili.
Amanye amalungu avele akhihla isililo khona enkantolo, amanye aphakanyelwa imimoya adubela ezintathelini ebezikade zithamele icala, ezijikijela ngamaganyana alumelayo anezinsongo phakathi.