IGOBOLONDO lenhlamvu okuyilonalona, lasuswa endaweni yesigameko okwadutshulwa kwabulawa kuyo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa.
Lokhu kushiwo u-Advocate Zithulele Nxumalo ongummeli kamsolwa wesine, uMnuz Mthokoziseni Maphisa ngesikhathi epheka ngemibuzo ufakazi uColonel Thobeka Mhlahlo.
UMhlahlo wahambela indawo yesigameko ngo-Okthoba 27, 2014 kulandela isigameko. Wayebizwe uWarrant Officer Thabo Mosia ukuba azomlekelela ngokuqoqa ubufakazi, athathe nezithombe njengoba eyakhe ikhamera yathatha izithombe ezingacacile.
Ephosa ngemibuzo uMhlahlo uNxumalo uthe inhlamvu yasuswa endaweni yesigameko, yabekwa ndawana thizeni.
“Le nhlamvu eyayiswa e-lab akuyona eyadutshulwa endaweni yesigameko,” kusho uNxumalo.
Kungenelele iJaji uRatha Mokgoatlheng ngelithi: “Yayiswaphi pho? Iyiphi pho le eyayiswa e-lab iyohlolwa ePitoli. Ngifuna ukwazi?”
UNxumalo uphendule ngokugcizelela ukuthi eyangempela yasuswa, kwase kubekwa enye nje.
“Mhlawumbe asiyeke ukuphikisana ngalokhu,” kusho uNxumalo.
UMokgoatlheng uthe ngeke akuvume ukuthi ivele iphelele emoyeni nje le ndaba.
UNxumalo uqhube wathi uqonde ukuthi inhlamvu yokuqala yasuswa, kwabekwa le eyagcina itholwa oMhlahlo.
UMhlahlo uphendule ngelithi: “Ngiyazi ukuthi angivumelekile ukuthi ngibuze imibuzo, kodwa ubani owayibeka?”
UNxumalo ugcine engawuphendulanga lowo mbuzo.
Ngaphambi kwalokho kuke kwaba khona impikiswano phakathi kukaMhlahlo no-Advocate Charles Mnisi ongummeli kammangalelwa wesithathu uMnuz Mthobisi Ncube.
UMnisi ubebuza uMhlahlo ukuthi bakuthathaphi ukuthi bafake ubufakazi emvilophini ngaphambi kokuthi babufake esikhwameni esigcina ubufakazi.
UMhlahlo uthe izimvilophu bazinikwa esiteshini samaphoyisa, uthe bazisebenzisa ukwenzela ukuqinisekisa ukuthi ubufakazi abuthikamezeki, kodwa uMnisi ugcizelele ngelithi kusobala ukuthi njengoba e-lab benganikwa izimvilophu, asikho isidingo sokuzisebenzisa.
UMhlahlo uthe akanakuphawula ngalokho kodwa ngokwabo bona zibalulekile futhi ayikho indlela ezithikameza ngayo ubufakazi abasuke bebuqoqile.
“Ukuba uthi ubufakazi bafika sebuthikamezekile e-lab ngabe ngiyezwa, manje ubeka iphuzu engingaqondi ukuthi libhekephi,” kusho uMhlahlo.
Phambilini kuvele ukuthi abamangalelwa banesicelo sokuthi uMhlahlo abavezele izithombe zikamufi njengoba ethi wabuye waya emakhazeni lapho isidumbu sakhe sasigcinwe khona.
UMokgoatlheng uthe ngeke kubukeke kahle ukuthi izithombe zivezwe esidlangaleni, okungenani zingagezwa, bese bezemukeliswa abamangalelwa uma begcizelela ukuzibona.
Icala liyaqhubeka namuhla.