LAGQOKISWA uplastiki wokufaka udoti ngenhla nangezansi selinembobo yenhlamvu esiphongweni, lafakwa ebhuthini yemoto ngaphambi kokungqongqiswa iphoyisa elafa ngesikhathi sezibhelu.
Lokhu kuvezwe ufakazi woMbuso owayekanye nabamangalelwa ngesikhathi kuzobulawa uConstable Zolani Zuma eTshelimnyama, eMariannhill.
UZuma washaywa ngepayipi lensimbi ekhanda, wahlwithwa isibhamu ayesiphethe adutshulwa ngaso maqede wokhelwa egxishwe ebhuthini yePolo Vivo yakhe.
UMnuz Nzuzo Khethokuhle Mngadi (28), waseMsinga kodwa owayehlala emzini kamalume wakhe eTshelimnyama ngesikhathi sesehlakalo, uthe nguyena nabanye abafaka uZuma epulastikini.
UMngadi uthe wavuswa ukuxokozela okwakusesangweni ezwa namazwi kamalume wakhe uMnuz Nkosenhle Mthembu (43) nelikamzala wakhe, uMzikayifani Khayelihle Ndebele (18).
Utshele iJaji uCarol Sibiya ukuthi wathi esephumela emnyango eyobheka wezwa ukuqhuma kwesibhamu amahlandla amaningi, kwathi uma efika endaweni yesehlakalo, wafica uKhayelihle ephethe isibhamu.
“Le ndoda engingayazi (Zuma) yayilele phansi inembobo esiphongweni yopha, umalume (Mthembu) yena wayopha edolweni. Imina, uLungelo (indodana kaMthembu) esahambisa umalume esibhedlela sayishiya indoda esasingayazi,” kuchaza uMngadi.
Uchaze indoda ayibize ngoDuve ukuthi iyona eyabayalela ukuthi bafake uZuma kupulastiki, bamshutheka ebhuthini yemoto yakhe, bayomshisa.
Bekuqale kwafakaza uMthembu otshele inkantolo ukuthi uZuma wazama ukubavimba endleleni bazitshela ukuthi bayagetshengwa noma baphangwa imoto babaleka.
Uthe uyena owaqale washaya uZuma ekhanda ngensimbi, uKhayelihle wamdubula.
Lo fakazi uthe babekade bethuthela abantu izimpahla zokutashwa besebenzisa iveni lakhe iKia kanti endleleni bazomiswa uZuma athe wayengayiwugqokile iumfaniswano futhi akazethulanga ngokuthi uyiphoyisa.
IJaji uSibiya litshele uMthembu ukuthi uyabona yini ukuthi isenzo sakhe sokuthi athathe impahla yabantu ababekade beyotapa sesifake umshana wakhe (ummangalelwa wokuqala uNdebele) enkingeni?
Uthe njengomalume wakhe kwakumele abe indoda eqotho futhi eyisibonelo esihle kumshana wayo kepha wakhetha ukutapa phambi kwakhe.
Uvumile uMthembu ukuthi akwenza kwakungamukelekile.
UMngadi uzoqhubeka aphicwe ngemibuzo ngabameli babamangalelwa ngoMsombuluko uma sekuqhubeka icala.
UKhayelihle uthweswe amacala amabili okuzama ukubulala kanye nommangalelwa wesibili uSibusiso Ndlela (19) othweswe icala lokuthumba nelokubulala.
Icala lihlehliselwe uMsombuluko.