ZIZOQINISWA ezokuphepha emajele njengoba kubhekwe esikhathini samaholidi okuphela konyaka.
Lokhu kuqinisekiswe uKhomishana wamaJele kuzwelonke uMnuz Makgothi Thobakgale, emcimbini wokwethula ngokusemthethweni izinhlelo zokuphepha emajele, obuseWestville eThekwini, ngoLwesithathu.
UThobakgale uthe ukuphepha kwabasebenzi boMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kuleli, ngenye yezinto eziseqhulwini njengoba sekunesihlava sokuhlaselwa kwamaphoyisa nabasebenzi basemajele.
“Lezi yizigameko ezishaqisayo futhi ukwenzeka kwazo kuyimizamo yokunqinda amandla abezomthetho ukuthi baqhubeke nokwenza umsebenzi wabo. Ukuhlaselwa kwalaba basebenzi, kuwukuhlaselwa kukahulumeni uqobo, futhi kuyicala elibucayi kakhulu, “ usho kanje.
Eveza izinhlelo zomnyango wakhe ukunqanda izinto ezingalungile ezingenzeka emajele ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka, uthe kwandiswe amakhamera kulezi zikhungo nobunye ubuchwepheshe bokuhlola nokudalula uma kwenzeka kunokuthile okungase kube nobungozi.
Uthe kuzothatha igxathu elibalulekile ukugwema ukungeniswa kwezinto ezingavumelekile emajele, waxwayisa amalungu omphakathi anezihlobo eziboshiwe ukuthi angazami ukuhambisela iziboshwa izinto ezingavumelekile kwazise nawo engabhekana nezijeziso ezinzima, avalelwe ejele.
Uthe ngalesi sikhathi uyakhula umthamo wezivakashi, abantu bevakashela izihlobo zabo eziboshiwe, ngakho kuzoqinisekiswa ukuthi abafikayo bayabhekisiswa ukuqinisekisa ukuthi bakulungele ukungena ngaphakathi.
Umnyango uthe uzoqinisa izinhlelo zokugqugquzela ukuthi iziboshwa ngalesi sikhathi zizibandakanye nemidlalo engaphakathi, nokuyiqhinga lokuzigcina zimatasa zingaze zicabange ukwenza okungalungile okungazidonsela amanzi ngomsele.
Kuvele ukuthi zizovakashelwa ngokuzizuma iziboshwa eziphume ngoshwele ukuqinisekisa ukuthi zisayilandela imigomo ezingaphansi kwayo, okubalwa kuyo eyokungabuthinti utshwala, ukutholakala njalo usekhaya ngezikhathi okwavunyelwana ngazo nokuziphatha ngendlela emphakathini.
Kulo mcimbi obuthanyelwe yizikhulu zeminyango emikhakheni ehlukene yezokuphepha namalungu omphakathi, kuphinde kwatshengiswa namaqhinga ahlukene asetshenziswa ojele nezinye izinhlaka zokuphepha ukubhekena nobugebengu.