ALUFAKWA libuya nodaka esigcemeni sakwaBB, eMlaza. Lokho kwenzeka ngemva kokusungulwa kwenhlangano yonogada abangamavolontiya, ebizwa ngaBaqaphi Bomphakathi. Le nhlangano elwa nobugebengu yethulwe ngokusemthethweni eCoastal College, eMlaza.
Amalungu omphakathi abephume ngobuningi, ezozibonela kuqopheka umlando esigcemeni. Omunye wabasekhaleni ekusungulweni kwale nhlangano uNksz Duduzile Zulu, uthe bunciphile ubugebengu selokhu aBaqaphi Bomphakathi beqale ukubonakala endaweni kusukela ngo-Agasti nonyaka.
Uthe empeleni baqala ukuhlangana njengomphakathi wakwaBB, ngesikhathi behlushwa ngamanzi.
"Sabe sesiba neWhatsApp Group lapho sidingida khona ngezinkinga yamanzi ebikhungethe lendawo. Sabe sesidingida inkinga yobugebengu. Yilapho esaqhamuka khona nokuthi sibhalise inhlangano engenzinzuzo ngoba bakhona abasebeqalile ukulwa nobugebengu. Sasungula lenhlangano ngenhloso yokuthi sokwazi ukufuna uxhaso kuhulumeni nakosomabhizinisi," kuchaza uNksz Zulu.
Uthe ngenxa yokuthi izigebengu zihlale zihlomile, babe sebesebenzisana nenkampani yonogada iColeman Protection Services, ukuze bakwazi ukubhekana nezigilamkhuba.
Eqhuba uuNksz Zulu uthe ekuqaleni bebehlushwa ubugebengu bokugqekezwa kwemizi uma kuhambe ugesi, ukuphucwa kwabantu amaselula nokudunwa kwezimoto.
Uthe manje sebehlile ubugebengu kwaBB ngoba izigilamkhuba sezibonile ukuthi awasekho amahlathi okucasha ngoba yonke indawo kunkanise Abaqaphi Bomphakathi.
"Izigebengu ziyabanjwa bese ziyiswa esiteshini samaphoyisa. Izigebengu ebesezigcwele kulesi sigceme, ziqhamuka kwezinye izigceme, azisabonwa nangokhalo."
Usihlalo weCommunity Policing Forum ku-ward 84, uMnuz Bheki Zikalala, ukushayele elikhulu ihlombe ukwethulwa kwaBaqaphi Bomphakathi ngoba kunomthelela omuhle enphakathini. Uthe basebenzisana kahle nesiteshi samaphoyisa aseBhekithemba.
UZikalala uthe Abaqaphi Bomphakathi babonakala ngezikibha ezimnyama ezibhalwe igama lale nhlangano.