SIZENZE omunye wabasebenzi sakwazi ukungena esinye sezigebengu eziphange uMasipala waseNdumeni, eDundee, zathatha izishaqane zemali enguR 97 000. Isolezwe ngeMpelasonto lihletshelwe wumthombo walo ongaphakathi ukuthi kungene izigebengu kumasipala zashiya kukhalwa.
Kuvele ukuthi izigebengu zigasele kulo masipala ebusuku kuleli sonto zingadle nkobe zamuntu zaqonda ngqo, emalini zashanela amabala.
UMasipala waseNdumeni ozinze eDundee, usezandleni ze-IFP ewuphethe ngokubambisana neDA, abawephuca i-ANC emuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021.
Umthombo uthe kubukeka sengathi izigebengu beziyihlele kahle into yazo.
“Babophe umqaphi base besika isisefo bathatha imali esuke ikhokhwa abantu okungekagesi, yintela nokunye nje okukhokhelwa kumasipala. Udaba lubikiwe emaphoyiseni kodwa asazi noma yinto ehlelwe nomuntu ongaphakathi,’’ kusho umthombo.
IMenenja kaMasipala, uMnuz Sithembiso Ntombela iqinisekisile ukungena kwezigebengu. UNtombela uthe kunomuntu ofike wazenza umsebenzi.
“Uzenze umsebenzi ozolanda ikhomphyutha, wangena wakhomba umqaphi kwasekungena abanye. Baqonde esisefweni semali bathatha imali ebalelwa kuR97 000. Udaba luphenywa amaphoyisa kukhona nobufakazi bamakhamera konke kuzocwaningwa,’’ kuchaza uNtombela.
Maqondana nokugcinwa kwemali enkulu emahhovisi, uNtombela uthe ngenxa yokuhlupha kukagesi bagcina bengakwazi ukusebenza kahle izindaba zokukhokhwa kwemali. Uthe imali iyahlala ize ihambe ngakusasa iye ebhange.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aphenya icala lokuphanga.
“Amaphoyisa aseDundee, aphenya icala lokubanjwa kwenkunzi emuva kokuthi abalisa abahlanu begasele emahhovisi kamasipala ngoLwesithathu. Umlisa wokuqala uzenze umsebenzi wase eyangena, kube sekuthushuka abanye abane babopha indoda eneminyaka engu-26 bathatha imali,’’ kusho uNetshiunda.