NJENGOBA izinkulisa sezingaphansi koMnyango weMfundo eyisiSekelo, zisuka kowezenhlalakahle kuleli, iPhini likaNgqongqoshe lowezemfundo lithi mkhulu umthwalo asebebhekene nawo.
UDkt Reginah Mhaule uthe zingu-42 000 izinkulisa esezingaphansi kwabo njengoba izikole zingu-24 000.
Lokhu kusho ukuthi umnyango oyisisekelo usuwengamele izikhungo ezingu-66 000 kuleli.
Uthe ngenxa yalokhu, sande kakhulu isibalo okumele basibhekelele sezikhungo kanjalo nabafundi.
“Yize kunjalo kodwa lo msebenzi ngeke usehlule ngoba bekuvele kuyithina ebesakha uhlelo lokufunda nokufundisa ezinkulisa. Ukungena ngokusemthethweni kwezinkulisa ngaphansi komnyango wethu, njengoba i-Early Childhood Development (ECD) sesiyengamele, kwenze zanda izikhungo zethu.”
Uthe bayafunda nakwamanye amazwe ukuthuthukisa i-ECD.
Lo mkhakha ungene ngaphansi kwalo mnyango ngo-Ephreli nonyaka emuva kokuba uMengameli Cyril Ramaphosa eyalele ukuthi lo mkhakha usuke ngaphansi koMnyango wezeNhlalakahle uye kowezemfundo.
Ukukhokhelwa kwabasebenzi kuzoqhubeka ngaphansi kwezinkulisa.
UMnyango wezeMfundo wona uzoqhubeka nokwakha uhlelo lokufunda nokufundisa, ukuqeqesha othisha nezinye izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi lolu hlelo luyaphumelela.
UNgqongqoshe wezenhlalakahle, uNkk Lindiwe Zulu, esusa lolu hlelo ngaphansi komnyango wakhe, wathi kwase kunesikhathi le minyango ibhunga indaba yokuthi lolu hlelo luwele eMnyangweni wezeMfundo.
Wabalula nokuthi izingane eziqhamuka emindenini eyayincishwe amathuba phambilini zizohlomula kakhulu njengoba lolu hlelo selunganyelwe nguzakwabo, uNkk Angie Motshekga.
UNkk Motshekga wathi kuzokwengezwa amakilasi akwaGrade R njengoba usuzoba yimpoqo.
Wabalula nokuthi abafundi kuzomele basheshe baqale ukufunda kuphinde kube nezinhlelo zokuhlola ukulungela kwabafundi ukuya kwaGrade 1.
Ukwenza uGrade R ube yimpoqo kuqukethwe emthethweni-sivivinywa, i-Basic Education Laws Amendment (BELA).
Lo mthethosivivinywa kumanje usezithebeni zePhalamende emuva kokuvalwa kohlelo lokufuna imibono yomphakathi.