UDOKOTELA owahlola isidumbu sephoyisa elangqongqiswa nePolo Vivo yalo eMariannhill ngesikhathi somtapo utshele inkantolo ukuthi labulawa wukusha nokuhogela intuthu.
UDkt Wandile Mbhele wethule ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesibili.
Uthe lokhu wakuthola emuva kokuthi ehlinze isidumbu sikaConstable Zolani Zuma wathatha isicubu esisemgudwini wokuphefumula esihlola, wathola intuthu.
Uqhube wathi le ntuthu itholakala kuphela uma umuntu ebulawe umlilo kade esaphila.
Udokotela uthe ekuhlolweni kwakhe akatholanga noma umufi wayenalo yini inxeba lokudutshulwa njengoba inkantolo yatshelwa wofakazi ukuthi wayenenxeba lokudutshulwa esiphongweni.
Uthe akakwazanga ukuqinisekisa lokhu ngoba isidumbu kwakungathi siphekiwe kusele ugebhezi lwekhanda, inyama yalo nobuchopho bushe baphela.
Uchaze nokuthi isifuba salesi sidumbu sasivulekile, singqongqe sawumfunzana kungathi sasiphekwa.
UMbhele ubekade eluswa ngemibuzo umshushisi u-Advocate Krishen Shah ocele ukuba acacisele iJaji Carol Sibiya ukuthi uZuma washiswa esevele eseshonile noma wokhelwa ngomlilo esaphila.
Emuva kobufakazi bukaMbhele, uMbuso usonge uhlangothi lwawo lokubiza ofakazi wase ummeli kaMzikayifani Khayelihle Ndebele, uMnuz Musa Chiliza efaka isicelo esiphuthumayo.
Ubefuna akhishwe phambili uNdebele ethi uMbuso uhlulekile ukuvezela inkantolo ubufakazi obuqanda ikhanda obuninda umsolwa ngecala.
IJaji Sibiya lisichithile isicelo okube sekulandelwa ukuthi uChiliza abizele ebhokisini uNdebele ukuze abeke uhlangothi lwakhe ngokwenzeka.
UZuma wangqongqiswa ngoJulayi 2021, kwaboshwa umsolwa wokuqala uMzikayifani Khayelihle Ndebele owayeneminyaka engu-18 nomsolwa wesibili, uSibusiso Ndlela owayeneminyaka engu-19.
UNdebele uthweswe amacala amabili okuzama ukubulala, uNdlela ubhekene namabili okungelokuthumba nelokubulala.
Icala liyaqhubeka.