LIZOGAYA ngomunye umhlathi ngokushicilelwa kwamagama abafundi abaphase u-matric emaphepheni ngonyaka ozayo njengoba kuzoshicilelwa kuphela awalabo abavumile.
Lokhu kuvele ngesikhathi uMnyango weMfundo eyisiSekelo uvele ngaphambi kwekomiti lasePhalamende.
Umbiko wethulelwe leli komiti nguNksz Priscilla Ogunbanjo, obhekele izivivinyo emnyangweni, othe lokhu bakwenza ngaphansi komthetho iProtection ofPersonal Information Act(Popia). Uthe kudingeke ukuthi bathole imvume kubafundi ababhalayo nakubazali ukuze amagama ashicilelwe.
“Ngokwalo mthetho kudingeke sithole imvume kubazali nakubafundi ngaphambi kokuba sishicilele amagama emaphepheni nakwezinye izinkundla. Sakhipha amafomu kubona bonke abafundi ekuqaleni konyaka ukuze bawagcwalise, bawasayine.”
Uthe izimpendulo zabo zigcwaliswa ohlelweni lwabo i-Integrated Examination Computer System (IECS).
“Lokhu kusho ukuthi sizoshicilela kuphela labo abavumile. Sibhalele ne-Information Regulator sicela imvume yokuthi sisebenzise lawamafomu.”
Usihlalo wekomiti, uNkk Bongiwe Mbiqo Gigaba, uthe bachazeliwe ngumnyango mayelana nokushicilelwa kwemiphumela yabafundi ngaphansi komthetho iPopia.
Uthe bayajabula ukuthi abafundi bavumile ukuthi kushicilelwe amagama abo. Kulo mhlangano kuvele nokuthi uNgqongqoshe wezeMfundo, uNkk Angie Motshekga, uzomemezela imiphumela yabafundi ngoJanuwari 19,2023. Ngosuku olalandelayo, uJanuwari 20, izifundazwe zizobe sezimemezela imiphumela yabafundi abaphase u-matric.
Kuzokhumbulek aukuthi nyakenye kuphasiswa lo mthetho kwaba nokushayisana ngamakhanda ngesikhathi kuqala kuvela ukuthi ngeke lemiphumela isashicilelwa, okuyinto osekuneminyaka yenzeka ngenxa yokuthi kwakumele kuvikelwe imininingwane yabafundi.
Kodwa lokhu kwabuye kwaguquka, imiphumela yashicilelwa kusetshenziswa izinombolo kuphela zabafundi, hhayi amagama abo .Indaba yokushicilelwa kwemiphumela emaphepheni ihlale isusa ukukhuluma enhlanganweni yabafundi, iCosas, ehlala ikhala ngokuthi akumele le miphumela ishicilelwe ngoba eyamanye amabanga ayishicilelwa kodwa abafundi bayilanda ezikoleni.
Emhlanganweni kuvele nokuthi seluphothuliwe uhlelo lokuqoka abazomakela u-matric ezifundazweni. Abazomaka kumele babe nolwazi ngesifundo abazosimaka, babe nesipiliyoni seminyaka emibili besifundisa.
NgoMsombuluko kubhalwa iphepha lokuqala lesiNgisi elibhalwa yibo bonke abafundi baka-matric kanti lezi zivivinyo zizophothulwa ngoDisemba 2. Labo abaphazanyiswe wugesi bebhala iComputer Applications Technology ne-IT bazophinde babhale ngoDisemba 7.