AMANAZARETHA athi kufakazeleka isiphrofetho somsunguli webandla lakwaShembe, iNkosi Isaya Shembe, Umqaliwendlela ngokuqamba iLindamakhosi okuyithempeli lebandla elikwaNongoma njengoba kuzobhajadiswa iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngeSonto kwaNongoma.
ISilo sizobhajadiswa wuMholi wamaNazaretha, inkosi uMduduzi Shembe uNyazilwezulu.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe kuzoqopheka umlando kudumale izitha kubhajadiswa iSilo wuNyazi.
Uthe kumanje kuqhubeka umhlangano wamaNazaretha oseLindamakhosi kwaNongoma, kodwa iSilo sizobhajadiselwa kwaKhangelamankengane okungaqhelelene naseLindamakhosi.
"UMqaliwendlela wathi kuseLindamakhosi. ISilo uMisuzulu kaZwelithini kuzoba iSilo sokuqala ukubhajadiswa sithatha inkolo yobuNazaretha. Sijabule kakhulu ngokuzokwenzeka futhi kuzoba ngumlando enkolweni yobuNazaretha kubhajadiswa iSilo. Izilo zaphambilini bezingayixwayi inkolo yobuNazaretha kodwa asikho sake sabhajadiswa saba yiNazaretha," kusho uMncwabe.
Ngomcimbi wokubhajadiswa kweSilo uthe konke bazokuzwa ngoNyazilwezulu, akwaziyo ukuthiumbhabhadiso uzoba semini kwaKhangelamankengane.
Ubudlelwano bamaNazaretha ngaphansi koNyazilwezulu buhlala bubuhle. NeSilo esesibuzile uZwelithini kaBhekuzulu ubehlala evakashelana noNyazilwezulu. Uma kunemigidi eNdlunkulu kuqala kunyathele amaNazaretha eholwa wuNyazilwezulu ukubusisa umcimbi ungakaqali. Noma amaNazaretha enyuka intaba eNgcwele uma kuqala unyaka iSilo siba yingxenye yalolu hambo olungcwele lokunyuka intaba.