KUGQUGQUZELWE osomabhizinisi basemakhaya ukuba babe yingxenye yezinhlangano zokuvakasha eziseduze nabo ukuze bathole amathuba okuqeqeshwa.
ITourism Grading Council of South Africa iveze ukuthi inohlelo olubizwa nge-basic quality verification olwenzelwe ukuklelisa ngezinkanyezi izindawo ezisemakhaya, emadolobheni amancane nasemalokishini.
UMnuz Soza Simango obhekelele izinhlelo zokuthuthukiswa kwamabhizinisi eMnyangweni wezokuVakasha, uthe uhlelo lwabo lwenzelwe ukuletha uguquko embonini yezokuvakasha nokuqinisekisa ukuthi izivakashi ziya emakhaya, emadolobheni amancane nasemalokishini.
“Sifuna wonke umuntu waseNingizimu Afrika ahlomule kwezokuvakasha. Uhlelo lwethu lwe-basic quality verification lukhombisa izivakashi ukuthi indawo eziya kuyona isezingeni elifanele ukuvakashelwa. Izindawo zikleliswa ngezinkanyezi ukuze kwazeke ukuthi zisesimweni esikahle ,” kusho uSimango.
UNkk Noxolo Daniels oyi-Quality Assurance and Development Manager kwa-South African Tourism utshele izihambeli ze-Africa’s Travel Indaba ukuthi beze nohlelo lokuqeqesha osomabhizinisi ukuze izivakashi zingahlali emadolobheni kuphela.
“Uhlu losomabhizinisi okufanele baqeqeshwe siluthola kwizinhlangano zokuvakasha ezahlukene. Siluqale e-Eastern Cape sase siluletha KwaZulu-Natal.”
“Sinethemba lokuthi sizoluhambisa kwezinye izifundazwe ezine ukuze amadolobha amancane, izindawo zasemakhaya nezisemalokishini zizohlomula ngezivakashi,” kusho uNkk Daniels.
Uveze ukuthi izindawo ezingaphansi kwalolu hlelo azicutshungulwa ngendlela efanayo okubhekwa ngazo ezisemadolobheni ngoba zinezingqinamba ezahlukile.
UMnuz Amimi Mlaba wendawo yezivakashi esemakhaya Isithumba Travels, uthe lubaluleke kakhulu uhlelo lwe-basic quality verification ngoba lukhombisa abantu basemakhaya indlela abazohlomula ngayo.
Uveze ukuthi luzothuthukisa amakhono abaphathi bamabhizinisi nabasebenzi ukuze kuliwe nezinga lokusweleka kwemisebenzi.