Zizoqashwa ngelokhozi izikhungo ezibalelwa ku-500 zokuvota kuleli ngamaphoyisa ngosuku lokhetho.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esithangamini sethimba longqongqoshe ababhekele ukuphepha abebekhuluma ngamalungiselelo okhetho, ePitoli.
UCele uthe ezikhungweni ezibalelwa ku-23 000 zokuvota, ezingu-500 abazoziqapha ngelokhozi.
“Sizoqapha yonke indawo kodwa bese sigxila kulezi ezingu-500 ngenxa yokuthi yizona okungase kube nezinto ezingenzeka.
“Abazophambana nomthetho ngeke sinanaze ukubavalela. Abantu banelungelo lokubhikisha kodwa lokhu kumele bakwenze belandela umthetho,” kusho uCele.
Uthe ngeke aziveze izibalo zamaphoyisa azojutshwa okhethweni ngoMeyi 29.
“Engingakusho wukuthi azobe enele amaphoyisa azobe ejutshiwe. Sifuna abantu bakhululeke ngosuku lokuvota ngoba akukho okubi okuzokwenzeka,” esho.
Uveze nokuthi bahlangane nabo bonke abaphathi beziteshi zamaphoyisa njengoba kuzovotwa.
Kulesi sithangami kuvele nokuthi yonke into isimi ngomumo mayelana namalungiselelo okhetho.
Kuvele nokuthi uhlelo lwezokuphepha luzobuyekezwa njalo uma kunesidingo.