KUNXUSWA abashayeli ukuba bahlele kahle izindlela zabo uma bezohambela ngasoPhongolo ngesonto elizayo njengoba kulindeleke ukuba kuvalwe umgwaqo uN2.
Ukuvalwa kukathelawayeka uN2 oPhongolo kuyingenye yokuqhubeka komsebenzi wokuthuthukisa ingqalasizinda ebhulohweni iPongola River Bridge (B42).
AbeSanral bathi ngenxa yokwakhiwa komgoqo kakhonkolo ebhulohweni, kuzoqalwa ukuvalwa kwesikhashana komzila ngokusetshenziswa kohlelo lokuba zidedelane izimoto ukuze zihambe ngendlela.
Izinsuku zokuvalwa komgwaqo zimi kanje:
26 Agasti 2024 (uma ubheke eNingizimu) kusukela ngo-09h00 kuya ku-14h00
28 Agasti 2024 (uma ubheke eNingizimu) kusukela ngo-09h00 kuya ku-14h00
30 Agasti 2024 (uma ubheke eNingizimu) kusukela ngo-09h00 kuya ku-14h00
“Sinxusa abasebenzisi bomgwaqo ukuthi balandele izimpawu zomgwaqo kanye nejuybane elinqunyiwe uma beza noma behamba endaweni okwakhiwa kuyo,” kusho uSerisha Sukraj, oyi-Eastern Region Project Manager, eSanral.