UMSOLWA wesibili ecaleni lokubulawa kukanozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, uzoqhubeka nemizamo yokuthola ibheyili.
UBongani Ntanzi odabuka KwaNongoma, namhlanje uzovela eNkantolo eNkulu eNorth Gauteng, lapho ezofaka isicelo esiphuthumayo sebheyili.
UNtanzi waboshwa ngoJuni 2020 esemsebenzini emayini yaseRustenburg, North West, akakaze anikezwe ithuba lokufaka isicelo sebheyili.
UNtanzi akanawo umlando wokuboshwa noma wokuba namacala. Usola amaphoyisa ngokumshaya ukuze avume icala futhi aninde ngobubende inyama engayidlanga omunye wabasolwa.
Ngenyanga edlule uNtanzi wakhonjwa ngufakazi woMbuso, uTumelo Madlala, njengomunye wabasolwa abebesendlini ngosuku okwabulawa ngalo uMeyiwa.
UMadlala watshela inkantolo ukuthi nguNtanzi owayecindezelwe nguMeyiwa odongeni, yize kungacaci ukuthi ngubani owadubula uMeyiwa phakathi komsolwa okhonjwe nguMadlala nomunye okuthiwa wayehamba naye.
Kuyaqhubeka ngenyanga ezayo ukuqulwa kwecala lokubulawa kukaMeyiwa. Kusafakaza uMadlala enkantolo.