KUZOKHISHWA ithimba eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu kuleli, elizohambela izifundazwe nomasipala abahlukene, ukuyofaka isandla ukuqinisekisa ukuthi imali ekhishelwe izinhlekelele isetshenziswa ngendlela.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uNksz Mmamoloko Kubayi, emhlanganweni nongqongqoshe balo mnyango ezifundazweni nezimeya.
Uthe kulo mhlangano kuxoxwe kabanzi ngokuhanjiswa kwezidingo emphakathini ngokushesha.
“Ucwaningo esilwenzile ngemali ekhishelwe izinhlekelele, luveze ukuthi kunezinselelo ezikhona ezithinta ukuhamba kancane ekuthengeni kwempahla, ukushoda kwamakhono, izinkinga zezinkontileka nezinye izinkinga.
“Yingakho sivumelene ngokuthi ekupheleni kwenyanga, sizokhipha ithimba elizohambela ezifundazweni ezehlukene nomasipala abangayisebenzisi imali, ukubheka izinselelo. Sizobheka izingqinamba ezenza ukuthi imali ingasetshenziswa.”
UMcwaningi maBhuku kazwelonke wakhala ngabanye omasipala abacothayo ukusebenzisa imali yenhlekelele.
UNksz Kubayi uthe baxoxe nangendaba yokuthi kudingeka kubekwe imibandela eqinile ngendaba yabantu abadla umhlaba ngendlela engafanele.
“Lokhu kuba nomthelela kuhulumeni yingakho sivumelene ngokuthi kubuyekezwe umthetho othinta ukudla umhlaba ngejozi ukuze uqiniswe kulabo abasaqhubeka nalo mkhuba. Kumele sithole izindlela zokusheshisa ukuthi abantu bathole umhlaba okubalwa nalabo abasuke bekhahlanyezwe yizinhlekelele.”
Uthe ezinye zezinhlelo ezikhona ngukuthi kusheshiswe ukukhishwa kwamatayitela ezindlu ukuze abantu babe ngabanikazi bomhlaba.
Uveze nokuthi bayixoxile neyokungakhokhelwa kosonkontileka ngesikhathi esibekiwe.
“Siyalele izikhulu eziphezulu ukuthi zibheke ukuthi umgomo wokukhokhelwa kosonkontileka ezinsukwini ezingu-30, uyalandelwa. Esinye sezizathu ezenza ukuthi bangakhokhelwa ngezinsuku ezibekiwe zidalwa umbango osuke ukhona,” kusho uNksz Kubayi.
Uthe bavumelene ngokuthi kumele enye yemali engu-5% yokuthuthukisa imijondolo, kumele isebenze ukuhlukanisa imijondolo ecinene kakhulu ukuze kukwazi ukuthi kube nemigwaqo ukuze izimoto zezimo eziphuthumayo zizokwazi ukungena kalula.
Okunye ngukuthi izidingo ezifana namanzi, ugesi kanjalo nokuthuthwa kwendle zifinyelele kalula emijondolo.