UZOHLONISHWA ngesifundo somlando wempilo yakhe owayeyisishoshovu somzabalazo uTeboho “Tsietsi” Macdonald Mashinini, owayehola umbhikisho wabafundi ngoJuni 1976. INational Heritage Council of South Africa, nabeFreedom Park bahlela isifundo ngoMashinini ngoLwesihlanu ngoJuni 30.
UMashinini waba nesibindi ehola umbhikisho wabafundi baseSoweto, abaqopha umlando ngokuphikisa ukufundiswa ngesibhunu. Omunye owagqama kakhulu lapho kwaba nguHector Peterson, owadutshulwa wafa eyingxenye yombhikisho.
UJuni, yinyanga yabantu abasha kuleli ngenxa yesigameko sango-1976 esaba wundabamlonyeni. UMashini ushone ngo-1990, eGuinea, wangcwatshwa eSoweto.
Isifundo sizoba eFreedom Park, eTshwane, sizoqala ngo-10 kuya ku-1 ntambama. Kulindeleke ukuthi abantu abasha baphume ngobuningi bezohabula umlando kaMashinini. Kuzoqala ngokubekwa kwezimbali ethuneni lakhe ngaphambi kokwethulwa kwesifundo sakhe.
Phakathi kwabazobe bekhona nguMnuz Seth Mazibuko oyisikhulumi esiqavile, Nksz Matshiliso ‘Doris’ Mhlambo, Mnuz Manase Sefatlhe, uNksz Boitumelo Mofokeng, uNksz Kealeboga ‘Joe Juni 16’ Maphunye.
Kulindeleke ukuthi abafundi baseMorris Isaacson High, abomndeni kaMashinini, nezikhulu zikahulumeni bazimazise umcimbi. Abahleli bomcimbi bathe bakholwa wukuthi iqhaza likaMashinini aligqanyisiwe ngendlela futhi umlando wakhe ungase ushabalale.