KUZOBHEKISISWA inkinga yokuguquguquka kwesimo sezulu lapho kukhunjulwa owayengumengameli wezwe, uMnuz Nelson Mandela.
Abenhlangano iNelson Mandela Foundation bathe bafuna umgubho uqondane nendaba yesimo sezulu esibhedayo, esiphazamisa indaba yezolimo nokudla.
UJulayi wahlonzwa njengenyanga kaMandela ngoba wazalwa ngawo futhi abantu bagqugquzelwa ukuthi benze okuhle basize abaswele ngenxa yokuthi uMandela wayemele lokho.
UMandela owaba wumengameli wokuqala omnyama wentando yeningi, ushone ngo-2013, emzini wakhe eHoughton, eGauteng. Ubezobe eqeda iminyaka engu-105 ukube ubesadla anhlamvana.
Inkinga yokuguquguquka kwesimo sezulu ibukeka ihlalise lubhojozi umhlaba wonke kuhlasele izinhlekelele zemvelo ezishiya abantu dengwane.
Abenhlangano kaMandela, bazimisele ngokuhlanganisa izinhlaka ezehlukene ukuze kuqhanyukwe nesixazululo nezindlela zokubhekana nale nkinga.
“Sibheke izinhlaka zikahulumeni, izinhlangano zomphakathi, abamabhizinisi kutshalwe izihlahla nezingadi emakhaya,’’ kusho abenhlangano kaMandela.
This Nelson Mandela International Day, the vision of the Nelson Mandela Foundation for the world is to unite and act decisively against the intersection of climate change and food insecurity.
— NelsonMandela (@NelsonMandela) July 4, 2023
Visit https://t.co/OZP9EtLLeC for more.#ItIsInYourHands pic.twitter.com/E4VuJnyTuX
Bathe bazobambisana namazwe ehlukene okubalwa iChina, England, Mali, Nigeria, Ghana, Angola, Zambia, Burundi, the Democratic Republic of Congo, Congo-Brazzaville, Ethiopia, Tanzania, Kenya, the Seychelles, United States of America, Canada, Mexico, Brazil namaye amaningi.