UKUNGAZINZI komasipala abehlukene abahlale beba nogcobho uma kucwaningwa indlela abasebenzise imali ngayo, kwenze inkampani ezimele iNsikayezwe Management Consultants, yahlela ingqungquthela ezoza namasu okuxazulula le nkinga.
Le ngqungquthela ebizwa nge-NMC Municipal Strategy Conference, engeyokuqala yalolu hlobo ukwenziwa kuleli zwe, izoba ngoSepthemba 26 kuya ku-28 ePremier Hotel, eMhlanga.
Isikhulu esiphezulu sale nkampani, uMnuz Erick Sithole, sithe benze ucwaningo ngezingqinamba ezibhekene nomasipala abehlukene, bathola ukuthi eziningi zazo ngezemali.
“Izinhlaka eziningi zohulumeni nomasipala abazinzile ngokwezimali futhi banenkinga yezinhlelo ezithinta imali ezingaxhasiwe, ezingenisa inzuzo encane,”’ kusho uSithole.
Uthe bambalwa kakhulu omasipala abathole umbiko wezimali ongenagcobho onyakeni wezimali odlule, okudala ukuthi abanye babo babe nenkinga yokungazinzi, kunalokho babuyele emuva.
“Ziningi izinkinga ezidala lokho, enye yazo wukungabi bikho kwabaholi abaqotho, wukungabhekisiswa kwendlela abasebenza ngayo, ukungayenzi inzuzo bese kuba yinkinga yamakhasimende angakhokhi imali ayikweleta labo masipala. Zonke lezo zinkinga ziphazamisa ukusebenza komasipala ezweni,” usho kanje.
Kule ngqungquthela kuzokhuluma oDkt Bandile Mkhize, Mnuz Kisa Dlamini, Solwazi Siphamandla Zondi, Nksz Tholakele Zulu, Dkt Zandile Dlamini, Mnuz Dumisa Mahlobo, Dkt Thokozani Nzimakwe, Solwazi Andre Roux noDkt Michael O. Sutcliffe.
“Sizobheka izindlela ezahlukene esingazisebenzisa ukuxazulula lezi zinkinga, namagebe akhona komasipala okuzobhungwa ngawo ukuzama ukuwavala kubhekwe phambili,” kusho uSithole.